04 | Izindaba
Friday 05 June 2026
Kulobe: uLucky Cain
Ezikaqedisizungu
Lo mlingisi uthi kwamsebenzi abewenza uwuyekile ngenxa yokuthi inhliziyo yakhe isekulingiseni...
UPhumzile Mlangeni odlala indawo kaZandile Mkhize (MaMbatha) emdlalweni omusha owuchungechunge iKwaBaba.
AKAZIBONI enza omunye umsebenzi ngaphandle kokulingisa uPhumzile Mlangeni, odlala indawo kaZandile Mkhize (MaMbatha) emdlalweni omusha owuchungechunge iKwaBaba, oqale ukukhonjiswa ngoMsombuluko esiteshini sikamabonakude uMzansi Magic, Channel 161.
UPhumzile uzakhele udumo ngokudlala emidlalweni kamabonakude okubalwa kuyo iFamily Bonds, Isithembu sikaMsongelwa neminye. Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi selokhu aqala ukulingisa eminyakeni engaphezulu kweyishumi, uyaqala ukuthola indawo azozinza kuyo emdlalweni ewuchungechunge.
Uthe ukugqoza kwemisebenzi ngenye yezingqinamba abhekane nayo kakhulu kulo mkhakha. Uthi bekuke kuphele iminyaka emibili engasebenzi.
"Yikhona lokho okwangenza ngenza izifundo zeBusiness Administration and Management, ngasengithola umsebenzi wokuba iFinancial Advisor kwelinye lamabhange. Nakhona lapho ngangenzela ukuthi ngikwazi ukubeka ukudla etafuleni, kodwa kwakungeyona into yami," kusho yena.
Uthi lo msebenzi wagcina ewushiya ngenxa yokuthi awukho omunye umsebenzi azibona ewenza, ngaphandle kokulingisa.
"Ngiyakuthanda ukulingisa futhi akukho okungangihlukanisa nakho, nezingqinamba zakhona ngiyaziqonda," kusho yena.
Uthe uyakujabulela ukuthola indawo kaZandile kulo mdlalo omusha, futhi abantu bazoyithokozela indawo yakhe njengoba engowesifazane oyiqhalaqhala.
Kulo mdlalo uPhumzile ulingisa nabalingisi abaqavile, okubalwa kubo uLindani Nkosi, uVuyo Biyela, uKwanele Mthethwa, uNkanyiso Mzimela, uSimo Magwaza, uHlengiwe Lushaba-Madlala, uNhlanhla Kunene nabanye.