18 | Ezemidlalo

Friday, 05 December 2025

Ubalisa ngobuthuntu babagadli umqeqeshi weChiefs

Izovala unyaka ngokubhekana neTS Galaxy ngeSonto eMbombela Stadium
Image

UDUKELWE yibhola umgadli weChiefs, uFlavio da Silva obexinwe nguGoodman Mosele weChippa.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UBALISE ngokuba buthuntu kwabadlali beKaizer Chiefs phambi kwamapali umqeqeshi wale kilabhu, uKhalil Ben Youssef.

IChiefs ibambane neChippa United ngo-0-0 koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.

IziMpofana zizogoqa lo nyaka ngomdlalo weBetway Premiership lapho ezizobhekana khona neTS Galaxy ngeSonto ngo-15h30 eMbombela Stadium, eMpumalanga.

Image

UMDUDUZI Shabalala weChiefs uhlulekile wukuguqula iminyakazo yakhe emihle, ibe yigoli njengoba ezakhe zigcine zibanjwe yiChippa ngo-0-0. Lapha ubonakala egadulisa uThabang Molaoa weChippa.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UYoussef ukhala ngokushalazela kwezakhe amapali njengoba ziya kulo mdlalo wokugoqa unyaka.

"Ngiyayibongela iChippa, isinike umdlalo oseqophelweni eliphezulu. Ngeke silokhu sibeka izaba, siziyekele ukunqoba lo mdlalo.

"Sinenkinga enkulu phambili, sibuthuntu. Sakha inqwaba yamathuba bese sihluleka wukuwavalela enethini.

"Kuzofanele sishintshe ukwenza njengoba siya kulo mdlalo weGalaxy. Kuyacaca ukuthi njengabaqeqeshi kufanele siyosebenza abagadli ngabodwana.

"Kodwa nabo kufanele kube semahlombe abo ukuqinisekisa ukuthi siyawavalela amathuba esiwakhayo. Kuzofanele sishintshe ukwenza ngempela njengoba siya kulo mdlalo wokugcina," esho.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yeBetway Premiership ebiphakathi nesonto imi kanjena: Siwelele 1, Sundowns 1; Chippa 0, Chiefs 0; Magesi FC 0, Sekhukhune 1; Orbit 0, Durban City 3; Stellenbosch 1, Polokwane 2; Arrows 0, AmaZulu 1.