15 | IzindabaΒ 

Friday, 04 September 2026

Imibono

Odabeni oluphumeΒ kwiLANGAΒ online baphawule kanjena abafundi bethu kwiFacebookΒ 
ngoKhuliso Mudau, oseyinxusa lenkampani kashingamu, iChappies:

Image

Nduku Buthelezi:
Kodwa abotshwala kasikaze sizwe kuthiwa babaxhasile. Nizothi ngasho.


Mthobisi Thobisa Doncabe:
Bazomgixabeza ngekhalibhothi lonke likashephisi.


Wandile Xaba:
Kusho ukuthi bayayibona indlela asuke ewunanabula ngayo ushephisi emidlalweni. πŸ˜‚πŸ˜‚πŸ˜‚


Bongani Dladla:
Uzohlafuna koze kubuye iMvana.


Xolani Dubulibhunu Mtshali:
Ngiyaqala ukubona inkampani eneqiniso kanje.🀞🀞🀣🀣


Mlandeli Sidleke Jaiva-zimnike Makhoba:
Bengivele ngingasawudli ushephisi. Igazi lami belingitshela ukuthi usuzoxhasa umfana weSnake 🐍 FC.


Sthembiso SamaHadebe:
Yerrr imali itholakala ngezindlela eziningi.


Mziyanda Khumalo Eshane:
Ngiyaqala ukubona ama-benefit kashephisi, selokhu ngazalwa.


Andy Cool OkaMazet Msiya:
Manje sekuzophoqa ukuthi ahlafune uChappies noma engasawufuni. 😭


Thokozani Sithole:
Siyambongela uMudau, sebeze bambona ukuthi uyayihlafuna, akayidlalisi ishephisi.


Vukile Sibiya:
Odume ngokuhlafuna ushingamu...πŸ™† aphinde angayiculi neNational Anthem ngesikhathi abanye abadlali beklabalasa kuqhantshe imithambo.🀣🀣🀣


Siyabonga Mvanayenkosi Manyuku Mthethwa:
Β Usezohlafuna mahhala.πŸ˜›


Sphesihle Mpendulo Mabaso:
Hhayi imali iya emalini ngempela. Bekungeke kusanikezwa mina ithuba ngoba phela nami angihlukani neshephisi?


Ntobee Ngema:
NoFalabo bangamshiyi, iqhawe lami.


Sticks Hlanganani Gumzaa:
Kusho ukuthi kuzogcwala amaChappies amhlophe inkundla yonke, ngoba le nhlobo iphela after 5 minutes ubumnandi, maqede ilahlwe.


Sipho Mnikathi:
Plus uhlezi ewunxafuza sengathi uhlafuna u-plastic wesiqeda.
Ngiyasola uwunxafuza noma elele.


Qhawekazi'Lasembo Mkhize:
Uzoqinelwa yimhlathi-keΒ lona. Weee!


Siyabonga Mlotshwa:
Β Uyihlafuna ngisho elele phansi, bemlimazile. πŸ˜‚πŸ˜‚πŸ˜‚


Dumisani Zulu:
Lo mfana usenguMthandeni ngqo. πŸ˜…πŸ˜‚