14 | Izindaba
Friday, 04 September 2026
Mthokozisi Dludla:
Akasangene wumhlola. Nithi uyaphila nje ekhanda?
Nizothi ngasho.
Stholile Makhathini:
Manje njengoba senihlambalazane kanje, nizoyithini le ndaba?
Mthandeni Wiseman:
Athi uJesu bheka mina angidli njengethongo. Liyaziwa idlozi eBhayibhelini, futhi umfazi ngowedlozi. Yingakho uma eseshendezile, kumele abuye nembuzi, ayobikwa emsamo ukuze axoleleke ephutheni.
Sibusiso Sibusiso:
Kuyacaca ukuthi kwalelo dlozi laligila yona le mikhuba.
Nkosinomusa Ngqulunga Musa:
HHayi ayasilulaza kodwa amanye amadoda la ngaphandle. 🤔🤔
Skhumbuzo M'fesi Ngema:
😂😂🤣🤣 Ayi ezababili azingenwa.
Owenkosi Kwanele:
Sebebuyelene? Kukhona ozoba noMgqibelo wakhe, la sithule siyabuka.
Nkosinomusa Dlamini:
Ungathi nalo mphrofethi akancwadile.
Zamani Masondo:
Idlozi ngabe liyasangana, ngeke linginike umfazi onjena.
Nonku Kubheka:
Ngabe ngithi kayikho into enje, manje nansi.
Viva Schotho Mahlobo:
Wumgulukudu wedlozi lowo.
Vela Sgqemeza:
Uma kungowedlozi, kufanele. Vele idlozi wumoya otholakala emanzini, olwandle nasemkhathini, wumoya kasathane. Kanti ithongo ngumuntu wakini owashona. Kukhona umehluko phakathi kwedlozi nethongo, noma izinyanya.
Mdu Msweli:
Uyalazi idlozi lo mfundisi ukuthi liyini noma lo mfazi wamdlisa umuthi
no-plastic?
Laba befundisi bamanje abangazi lutho, bazifunela imali emabandleni.
Mzwandile Lungani Lembede:
Manje idlozi lenza athintane noDlamini?
Sakhiwe Selby:
Kusho ukuthi kwamadlozi akubo aphuphe njengaye. Angikaze ngalubona uzolo emfazini ophingile.
Sicelo Mchunu UmfokaDunusa:
Ngubani ongahlala nesif..e esazi emzini kayise?
King Van Der Koning:
Yidlozi elibi lelo.
Mancinza Nondaba:
Akanadlozi uzihlalele lowo mphrofethi. Yinto okumele ayenzele umsebenzi ngengulube leyo, imfulathele.
Nkosinomusa Dlamini:
Unawo wona u-matric?
Nomtha Kunene:
Yidliso leli.