08 | Izindaba
Friday, 04 September 2026
Thokozani Ndlovu
UTHEMBISE ukuqeda nya ngenkohlakalo kuMasipala weTheku, uNkz Zandile Myeni olaxaze iNFP, wasungula iqembu elisha, iNational People’s Ambassadors (NPA).
UNkz Myeni obengunobhala-jikelele weNFP KwaZulu-Natal, futhi oyisekela lemeya yeTheku, uthe bekungasasebenzeki kuleli qembu elasungulwa nguNkk uZanele Magwaza-Msibi, owayexebuke kwi-IFP - beseligudlukile ezimisweni zalo.
Ubonge uNkz Magwaza-Msibi, wathi bayile nto abayiyona ebuholini nje, kungenxa yezimfundiso zakhe.
"Kwi-NPA yilapho amanye amazwi abantu ezolalelwa khona, obekungasenzeki kweminye imizi. Njengomengameli weNPA, akumele yonke into ibe ngami.
"Thina sizolalela abantu, sithathe nemibono yabo, ngoba sibonile la besikhona ukuthi ukungayithathi imibono yabanye abantu, akuniyisi phambili.
"Uma seniphelelwe wumbono wokuyisa iqembu phambili, ugcina usugxila ezintweni ezingathi shu," esho.
Uthe iqembu labo libhalisile kwi-IEC, ngoba ukulisungula akusona isinqumo abasithathe manje.
Ezindaweni athe bangenele kuzona ukhetho; yiseZululand, eMkhanyakude, eMtshezi naseThekwini.
KwiNPA, ujoyinwe nguMnu Jeremiah Mavundla, owayeyimeya yeNFP KwaNongoma, namanye amalungu eNFP.
Uthe ufuna ukuqeda nya ngenkohlakalo eThekwini, wathi abantu ngeke baqashwe ngobungani, futhi ongaqashwanga uzonikwa izizathu ezicacile.
Uthe bazobonakala nakwezinye izindawo angazibalanga ukuthi bangenele kuzona ukhetho.
Uqhube ngokuthi ngeke bakhulume ngezinkinga ezinkundleni zokuxhumana, kodwa bazoziyela mathupha ebantwini (bayozizwela).
Mayelana nokungazisukumeli izinkinga zikaMasipala weTheku - njengoba eyisekela lemeya - uthe kungenxa yokuthi ubengenawo amandla ngoba ukulo masipala njengohulumeni wobumbano futhi kukhona iqembu abengaphansi; manje uthe usenamandla njengoba eseneqembu aliholayo.