05 | Izindaba
Friday, 04 September 2026
Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo
Ikhehla lithi lisatshiswa ngabameli uma lifuna aphume kule ndawo, aqala ukuyisebenzisa ngo-2017
Skhosiphi Mthembu
LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamala-khe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo.
UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi kuzomele aqale amkhokhele u-R155 000 wokuphula isivumelwano uma efuna aphume esitolo sakhe.
Uthe sesiphelile isivumelwano seminyaka ewu-5 ababenaso
UMnguni uthi lona wokufika uqashe esitolo sakhe ngo-2017, uthi babesayine isivumelwano seminyaka ewu-5, esesaphela.
Uthi uma emtshela ukuthi makaphume esitolo sakhe, umsabisa ngamaphepha abameli bakhe, abathe kumele akhokhe u-R155 000 we-deposit ayikhokha ngesikhathi besayina isivumelwano.
UMnguni uyichithile eyemali ye-deposit, uthi akakaze ayithole leyo mali, neminyaka ewu-5 ababevumelene ngayo kwinkontileka isiphelile. Uthi wamtshela ukuthi ngeke esayivuselela inkontileka ngoba akasamdingi esitolo sakhe.
"U-R40 000 wayenginike wona ngishonelwe yinkosikazi, ethi mangipheshe izinkinga zami
"Kungixakile lokhu ngoba kayikho enye imali ake wayikhokha ngaphadle kuka-R40 000 ayenginike wona, ethi mangipheshe izinkinga zami emuva kokushonelwa yinkosikazi yami," kusho.
Ngeledlule uthi lona wokufika wamnika amaphepha abameli, emsabisa ngokuthi kumele akhokhe le mali uma efuna aphume esitolo sakhe.
ILANGA Lempelasonto liwabonile amaphepha abameli abekhumbuza uMnguni ngesivumelwano sabo.
Kula maphepha kuvela ukuthi uma eqhubeka nokuxosha ikilayenti labo, linemvume yokuya enkantolo, nalapho uMnguni nguyena ozokhokha izindleko zabameli.
UPhakelumthakathi uzibophezela ukusiza kule nkinga
Ethintwa uMnu Bark Endale, odabuka e-Ethiopia, oqashe esitolo sikaMnguni, uvumile ukuthi uwathumelile amaphepha abameli ngoba efuna ukumkhumbuza ngesivumelwano abanaso.
Uthe uma uMnguni efuna ukuba aphume, kumele amkhokhele u-R155 000 bese emnika isikhathi sokuba athole enye indawo.
Ebuzwa ngobufakazi bale mali, uthe wayemnika esandleni bese ebhala phansi, futhi akekho umuntu ongufakazi.
Uthe ngaphandle kwayo, kukhona enye imali eyayibolekwa nguMnguni kuyena, angayibalile.
UMnu Nkosikhona "Phakelumthakathi" Ndabandaba wenhlangano engayenzi inzuzo, Insizwa Nobunsizwa Foundation, uthe uma uMnguni enobuqiniso bokuthi akakaze awamukele u-R155 000, ucela abathumelele imininingwane, ukuze bezoya kuleya ndawo.
Uthe ufuna kutholakale ukuthi kwenzekani, wathi inkinga ebhekene noMnguni ingabathatha usuku olulodwa ukuyilungisa.