NGUNKZ Colleen Makhubele ongusotswebhu weMK Party ephalamende, enesekela-mengameli laleli qembu, uDkt John Hlophe.
Menzi Jele
UMHOLI weMK Party ePhalamende, futhi oyiphini likamengameli waleli qembu, uDkt John Hlophe, uthi phansi amaphaphu, uNkz Colleen Makhubele usenguyena usotswebhu omkhulu waqembu.
Ekhuluma nabezindaba eCape Town, ngoLwesine, uHlophe, uthe kayikho incwadi esemthethweni yokuba kukhishwe uNkz Makhubele esikhundleni, futhi kalukho uhlu lwezikhalo zamalungu eMKP ePhalamende, afuna kudilizwe uMakhubele esikhundleni.
Ubecacisa lokhu ngemuva kokuba ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kusabalale kwabezindaba imibiko yokuthi kunamalungu eMKP ePhalamende, asebhale incwadi yokuba kukhishwe uMakhubele esikhundleni. Bekuthiwa amsola ngokungahambisi kahle izinto.
NGUMNU Jacob Zuma ongumengameli weMKP.
UDkt Hlophe uthi ukuba kunencwadi enjalo yezikhalo ngoMakhubele, ubezokuba ngumuntu wokuqala ukuyemukela.
"Ngakho indaba yokuthi kunale ncwadi (yezikhalo ngoMakhubele), iyimbudane. Nobaba uMengameli Zuma ngimbuzile - kayikho leyo ncwadi," kusho uHlophe.
Uqhube wathi uMakhubele usengusotshwebhu omkhulu, futhi uwenza kahle umsebenzi.
NGUMNU Nhlamulo Ndhlela oxoshiwe.
UHlophe uphawule nangokuxoshwa kukaMnu Nhlamulo Ndhlela, ebuholini beqembu ephalamende njengoba ebengelinye lamasekela kasotswebhu weqembu.
Uthe njengoba uNdhlela - ongumkhulumeni weqembu - esekhishiwe kulesi sikhundla sokuba yisekela likasotswebhu, akasenalo igunya lokwethamela imihlangano ekhethekile yekhokhasi.
Uqhube wathi kodwa bake bambona esetheleka komunye wale mihlangano, ekubeni esekhishiwe esikhundleni - wathi akayitholanga incwadi emkhiphayo ebuholini.
Uveze ukuthi uNdhlela uqhubekile wabhikisha, esho nokuthi ngumengameli weqembu, uMnu Jacob Zuma onamandla okumkhipha.
UHlophe uqhube ngokuthi uNdhlela ujikile wathi incwadi yakhe (uHlophe) "emkhululayo" isayinwe ngomkokotelo.
"Ekuqaleni wathi akayitholanga incwadi. Kuthe sekucaca ukuthi incwadi uyitholile, washintsha wathi kayisayinwanga ngumholi weqembu ephalamende, kusayinwe ngomkokotelo," kusho uHlophe.
Ukuqinisekisile ukuthi incwadi iqhamuke ehhovisi lakhe, futhi isayinwe nguyena.
Uyichithile nemibono yabantu abehlukene yokuthi iMKP iyawa.
menzi.jele@ilanganews.co.za