03 | Izindaba
Friday, 03 October 2025
NGUKHUZANI Mpungose ongumsunguli weGcwalisa.
Mthobisi Sithole
IQHAMUKA nohlelo oluhlose ukuba kungabikhona iciko elikhulu kunelinye iGcwalisa All White Spring Picnic, eyasungulwa ngumculi kamaskandi, uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose.
Lokhu kuvezwe ngoLwesithathu eHilton Hotel, eThekwini, ngesikhathi kwethulwa uhlu lwabaculi abawu-15 bakamaskandi, abahlonzwe ngamavoti abathandi bomculo.
UMgqugquzeli weGcwalisa, uMnu Mthokozisi Zuma, uthe inhloso yokusungulwa kwalo mcimbi - ozobe wenzeka okwesine kulo nyaka, mhla ka-8 kuNovember eKings Park, eThekwini - kwakuwuthi kuvulwe inkundla yokuthi eminye imikhakha yomculo iwuhloniphe umaskandi.
Uthe abanikazi balo mcimbi ngamaciko kamaskandi.
"Eminye imikhakha siyayimema ukuba izobona into yethu esizenzele yona njengamaciko kamaskandi, ngenhloso yokuthi isihloniphe, kwazise lolu hlobo lomcimbi okugqokwa kanjena kuwona, belungekho kumaskandi.
"KwiGcwalisa kalikho iciko elikhulu kunelinye kumaskandi," kusho uZuma.
NGUGATSHENI ongomunye wabaculi abazobe beshiyelana inkundla kwiGcwalisa.
Uthe basebenzise uhlelo lokuthi abaculi baqokwe ngevoti, ukuze kungeke kubekhona ukwenzelela, nokuqashwa ngobungani.
"Akekho omkhulu, akekho omncane, sifuna ukulingana sonke singamaciko," kusho uZuma.
Uqhube ngokuthi ngesikhathi iGcwalisa iqala, amaciko ayehlonzwa ngokubheka ukuthi alandelwa kanganani emakhasini awo kwiFacebook.
Ngonyaka olandelayo, kwabhekwa ukuthi anezingoma ezingaki ezilalelwe zafika kuma-million, kwathi nyakenye kwagxilwa kwi-million - kungabhekwa ukuthi ingoma ikhishwe ngamuphi unyaka.
"Kulo nyaka sibone ukuthi amandla okuqashwa kwamaciko (kulo mcimbi) masiwayekele ebantwini," esho.
Uveze ukuthi ukuhlelwa kwalo mcimbi kuyizindleko kakhulu, bafisa izinhlaka zikahulumeni nezizimele zibaseke.
Uthe kudingeka u-R8 million , kanti u-R2 million kule mali ukhokhela amaciko.
UKhuzani uthe kusazokwengezwa amanye amaciko kamaskandi awu-5, athole amavoti kusukela kunombolo-16 kuya ku-20.
Ngaphambi kokuba kuqalwe ukumenyezelwa kwamaciko awu-15 - emcimbini wangoLwesithathu -kubenengqungquthela lapho inkampani yomculo, iDowntown, ibihlomisa khona amaciko ngolwazi lomculo.
Abaculi abawu-15 abangenile ohlwini nguMajongosi, uMayonnaise, uFalabo, uThandazani, uDizaster, uNjoko, uMahostela, uSphithiphithi, uPhangandawo, uNavigator, uMjikelo, uMenzi, uMafikizolo, uGatsheni noNgena.
mthobisis@ilanganews.co.za