06 | Izindaba
Friday, 03 October 2025
Kulindeleke ukuba lolu hlelo lukhuze ibuya ekuqaleni konyaka ozayo...
Lucky Cain
SELIVULIWE ithuba kulabo abazimisele ukuba yingxenye yohlelo lukamabonakude iBig Brother Mzansi, oseluphendule inqwaba yabantu baba ngosaziwayo bakuleli, abanye baphenduka osozigidi.
Lolu hlelo lweMzansi Magic Channel 161, kulindeleke ukuba lukhuze ibuya emoyeni ekuqaleni konyaka ozayo. Luba nesiteshi esiyisipesheli, lapho lukhonjiswa khona ubusuku nemini bese kuthi ngeSonto lukhonjiswe kuMzansi Magic.
Isiqubulo sesizini yesithupha salolu hlelo sithi, Vuk'ubangene.
Ngokwesitatimende esikhishwe ngabakwaMzansi Magic, labo abazimisele ukuba yingxenye yalolu hlelo ngonyaka ozayo kumele baziqophe i-video yemizuzu emibili, bechaza ngokuthi kungani kumele kube yibo abathathwayo ukuba kulona.
Ukuze ukwazi ukungenela kumele ube neminyaka esukela ku-21 kuya phezulu, kusukela ngoJanuwari 2025. Sithi kulolu hlelo kudingeka abantu abanomfutho, abathandekayo futhi abazifela ngobumnandi, abangazenzi abanye abantu kodwa abazigqaja ngokuba yibona. Bathi okumqoka kumele kube ngabantu abavulelekile ngokomqondo, abakwaziyo ukuphila nabantu bamazinga ahlukene empilo.
Isikhulu sakwaMultiChoice esibhekelela izinhlelo ezivutshelwe ekhaya uShirly Adonisi, uthe iBig Brother Mzansi isaqhubeka nokuba wuhlelo oluxhumana ngqo nempilo yabantu baseNingizimu Afrika.
Ngu-Akhonamathemba "Sweet Guluva" Mbele, okhale wemuka nomklomelo kwisizini edlule yeBig Brother.
"Ngaphandle kokuthi lolu wuhlelo lobumnandi nenjabulo, luphinde lukhuthaze ubudlelwano, ubumbando nokuphilisana kwabantu abaqhamuka ezindaweni ezahlukene, futhi abanamasiko ahlukene. Okunye ngalo wukuthi luvundulula ithalente kubantu," kusho yena.
Phakathi kwalabo abaphenduke osozigidi ngalolu hlelo kubalwa uSweet Guluva okunguyena osaphethe isicoco, asithathe kuMcJunio, yena owasithatha kuMpho Waba Dimo nabanye.
Iminingwane egcwele yokungenela itholakala
kwi-website ethi: mzansimagic.tv/bigbrothe