02 | Izindaba

Friday, 03 October 2025

Ezifingqiwe


01

Ukhale ngezokuphatha ummeli eshiya kwikhomishini 

Image

NGUMMELI uMnu Terry Motau osanda kushiya iKhomishini kaMadlanga. 

UVEZE eyezinkinga ezihlobone nokuphatha (administrative issues) ummeli obeke phansi izintambo kwiKhomishini kaMadlanga, u-Adv Terry Motau.

UMotau, obengomunye wabammeli abahola imibuzo kule khomishini, ubekhuluma okokuqala nabezindaba kwi-Radio 702, lapho eveze khona ukuthi ukushiya kwakhe kule khomishini akungenxa yemali, njengoba abanye bephawule kanjalo ezinkundleni zokuxhumana.

Uthi incwadi yokusula wayifaka ngomhla ka-11 September.

"Bengizimisele ukuthi ngisebenze kule khomishini, kuze kube iyaphela, kodwa kunezinto ebengingahambisani nazo esigabeni sokuphathwa. Ukusebenza kwami bekungekona ukuthi ngibheke imali, yebo bengizoyithola, enkulu futhi, kodwa ebengikufuna wukuthi ngisebenzele isizwe ekulweni nenkohlakalo," esho.

Uthi unethemba lokuthi abasele kwikhomishini bazokwenza umsebenzi oncomekayo.


02

Image

Bakhathazekile ngobugebengu obenziwa kuma-profile abakhokhi bentela

LIKHATHAZEKILE ngokwanda kobugebengu bokuhekhwa (hacking) kwamakhasi (profiles) abakhokhi bentela akwaSars ihhovisi elibhekelele izikhalo zabakhokhi bentela, iTax Ombudsman.

Leli hhovisi liveze lokhu embikweni wophenyo lwalo, oluqale ngemuva kokuthola inqwaba yezikhalo ezithinta lobu bugebengu, obuqale ukudlanga ngo-2021.

Lithi kulolu phenyo lithole ukuthi izigilamkhuba beziqola imali yabakhokhi bentela engaphansi kancane kuka-R10 000, kuya kwengaphezu kuka-R100 000, kanti abebe yizisulu zalokhu balinganiselwa ku-16 000.

Lokhu bekwenzeka ngokuthi izigilamkhuba zishintshe imininingwane yasebhange yabagilwa, bese zifaka eyazo.

Leli hhovisi ligxeke iSars, ngokungaqinisi uhlelo lwayo lokuvikela imininingwane yabakhokhi bentela, ukungaxhumani ngendlela nabakhokhi bentela, nokuthiteka kwezisebenzi zakwaSars kulobu bugebengu.

Linxenxe abakhokhi bentela ukuba bahlale ngokuqinisekisa imininingwane yabo.


03

Image

NGUMNU Fikile Mbalula, onguNobhala-jikelele
we-ANC.

'I-ANC kayisona isidleke sezikhohlakali'

UNOBHALA-JIKELELE we-African National Congress (ANC), uMnu Fikile Mbalula, uthi bayeseka ngokugcwele iKhomishini kaJaji Mbuyiseni Madlanga, eseBrigette Mabadla Jutice Centre, ePretoria.

UMbalula ubekhuluma esithangamini sabezindaba eLuthuli House, ngoLwesine. Uthe lekhomishini yasungulwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ukuphenya ngezinsolo ezenziwa nguJenene Nhlanhla Mkhwanazi, ophethe amaphoyisa KwaZulu-Natal, ngokugxambukela kosopolitiki ekusebenzeni kwamaphoyisa.

Uthe i-ANC iyakweseka ukusebenza kwezinhlaka zomthetho, yingakho ithi abantu abahamba izinkantolo, bethweswe amacala enkohlakalo bengesekwa, bazimele bodwa.


03

Izinhlelo zokubuyiswa kwesidumbu sikaMthethwa kuleli

Image

KULINDELEKE ukuba sitheleke ngesonto elizayo isidumbu senxusa laseNingizimu Afrika esisuka eFrance, uMnu Nathi Mthethwa, oshone ngokukhulu ukuzuma ngemuva "kokuziphonsa" esuka esitezi sesi-22, ebhilidini lehhotela iHyatt, eParis.

Imangaze abaningi indlela uMthethwa adlule ngayo emhlabeni. Kulindeleke ukuba iziphathimandla zaseFrance, ziphothule uphenyo ngaphambi kokuba kuqale izinhlelo zokubuyiswa kwakhe kuleli.

Kubhekwe ukuthi lolu phenyo luphothulwe maduze, njengoba isidumbu sakhe sibhekwe ukuthi sibuyiselwe eNingizimu Afrika ngelizayo.