19 | Ezemidlalo
Friday, 03 July 2026
Mfanafuthi Ndlovu
USEMAGANGE ukuyodlala kwi-Uefa Champions League uRelebohile Mofokeng ophase ngamalengiso ukuhlolwa kwempilo ukugijima kwiRoyale Union Saint-Gilloise egijima esigabeni esikhulu saseBelgium.
UMofokeng uzwakalise injabulo ngemuva kokujoyina le kilabhu eqede isizini edlule ilele isibili kwi-log yeBelgian Pro League, emuva kweClub Brugge.
Lo mdlali onikwe unombolo-38 kule kilabhu - abevele ewugqoka nakwi-Orlando Pirates anqobe izindebe eziwu-8 kuyona - uthe ukubheke ngabomvu ukudlubha ijezi lezakhe kwiChampions League ethathwa njengomqhudelwano omkhulukazi kwedlalwa ngamakilabhu emhlabeni.
Phela ukuphela komdlali waseNingizimu Afrika oselake wanqoba i-Uefa Champions League nguBenni McCarthy ngesikhathi esagijima kwiFC Porto ngo-2004 ngaphansi komqeqeshi uJose "The Special One" Morinho wasePortugal.
Ephawula lo mdlali emuva kokuqeda konke neRoyale, uthe: "Kuyiphupho lawo wonke umdlali kanobhutshuzwayo ukuyogijima kulo mqhudelwano omkhulukazi e-Europe, i-Uefa Champions League. Sengimagange ukubamba iqhaza kuwona."
Uthi isizini edlule ka-2025/26 kube ngekhethekile kakhulu empilweni yakhe njengoba ebeyingxenye yePirates inqoba i-treble okwesithathu emlandweni wePSL.
IBucs ngesizini edlule iqukule iBetway Premiership, iCarling Knockout neMTN8.
Uphinde wabamba iqhaza ekutheni iBafana ingene emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba yeFifa oqhubeka eCanada, eMexico nase-United States of America (USA).
Elakuleli liphume kwi-last 32 kulo mqhudelwano ebeliqala ukufinyelela esigabeni somkhumulajezi kuwona.