18 | Ezemidlalo
Friday, 03 June 2026
NGU-HARRY Kane we-England eqobela enethini elinye lamagoli ezwe lakhe liguqisa iDRC ngo-2-1.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
UVUME eyenkinga yokuhuqa ubuthongo kwabadlali base-Afrika ngesikhathi esibucayi, sangasekupheleni kwemidlalo uHugo Broos ongumqeqeshi weBafana Bafana ewashiswe ijezi yiCanada ngo-1-0 wegoli elingene ngomzuzu ka-92 kwiLast 32 yeNdebe yoMhlaba yeFifa eqhubeka eCanada, eMexico nase-United States of America (USA).
Amazwe amaningi ase-Afrika asephumile kulo mqhudelwano ashaywe ngemizuzu yokugcina kulesi sigaba, kubalwa neSenegal ekhavwe ihamba phambili ngo-2-0, kodwa yagcina iguqa ngo-3-2, ishaywa yiBelgium emdlalweni ogcine sewudlulela kwi-extra time.
UBroos uthi le nkinga kayihaqile amazwe anabadlali abagijima emaligini ase-Afrika nje kuphela, kodwa nalawa agabe ngabadlali abayibamba phesheya kwezilwandle.
USALE eguqile uRonwen Williams ongunozinti weBafana Bafana, ebuka ibhola ligunquza enethini.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Uthi le nkinga idinga ukusukunyelwa ngokushesha, ngoba ebholeni lomhlaba kudingeka ukuba abadlali bagxilise imiqondo yabo enkundleni kusuka kukhala indweba yokususa umdlalo kuze kuyokhala eyokuwuqeda.
Uthi kasikho isikhathi sokuzicabangela izinyoni zakho ebholeni lomhlaba.
INDUMALO kubadlali beSenegal, ngesikhathi kujabula abeBelgium.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
ISenegal idliwe yize ithole amagoli ngomzuzu ka-24 nongoka-51, eshaywa nguHabib Diarra noPape Sarr ngokwehlukana.
AweBegium abhakuziswe nguRomelu Lukaku ngoka-86 noYouri Tielemans ngoka-89 nangoka-120+5.
NeDemocratic Republic of Congo (DRC) ilahle umdlalo seliyoshona ikhishwa yi-England ngo-2-1 kowe-last 32.
I-DRC iwabone kuqala amapali lapho egxunyekwe ngakhona, uBrian Cipenga elibeka enethini ngomzuzu ka-7, elibulawe ngelikaHarry Kane ngoka-75.
UKane ubuye nelokunqoba ngoka-86.