16 | Ezemidlalo

Friday, 03 July 2026

Ezisematheni


IDowns igingqe iPirates ngomdlali we-Arrows


Image

IMAMELODI Sundowns igingqe i-Orlando Pirates embangweni wokusayinisa uSiyanda "Skhwishi" Ndlovu (22) (osesithombeni) obegila izimanga esiswini seLamontville Golden Arrows ngesizini edlule.

ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi lo mdlali - odabuka eDannhauser, ngaseNewcastle - ubegaqelwe yizona zombili lezi zinkunzi, kodwa eZimnyama zakhala ngaphansi ngenxa yemali engagculisi ebeziyibeke etafuleni, yize ebesekuphasile ukuhlolwa kwempilo kuzona.

Kuthiwa lokhu kuholele ekutheni alibhekise eChloorkop, lapho efice khona inkontileka econsisa amathe.

 Kuthiwa iBucs beyifuna ukumholela u-R100 000, kanti iDowns imnike u-R450 000 ngenyanga.

Ukuba sezingeni eliphezulu kwalo mdlali, kubonakale nangesizini edlule ngesikhathi enqoba umklomelo wokuba yiKwaZulu-Natal Sports Personality of the Year emcimbini weKZN Sport Awards obuseThekwini maphakathi no-April.

Lo mklomelo uSkhwishi uwunqobe ngenxa yokuvotelwa kakhulu ngabathandi bezemidlalo.

Umthombo waleli phephandaba oncikene kakhulu noSkhwishi, uthe lo mdlali usemagange ukuqala impilo entsha eChloorkop.


URibeiro ubuyela kwiDowns?


Image

IMAMELODI Sundowns kuthiwa ixoxa noLucas Ribeiro (osesithombeni) ongasenakilabhu ukuba abuye ayodlala kumaSandawana emuva kokuhlukana neCyD Leonesa yaseSpain.

IDowns nalo mdlali bake babophana kubangwa isehlukaniso. Kuthiwa lo mdlali ugaqelwe nayiPirates neKaizer Chiefs njengoba kuthiwa usakufuna ukubuyela kuleli uma kungalungi kwiDowns.


Zimhlophe izinto zikaMofokeng eBelgium


Image

U-RELEBOHILE Mofokeng (osesithombeni) ukuphasile ukuhlolwa kwezempilo kwiRoyale Union Saint-Gilloise yaseBelgium, lapho okuthiwa uzohola khona u-R1,7 million ngenyanga.

Lo mdlali usuke ekhempini yeBafana Bafana ebiseMexico, waqonda ngqo eBelgium emuva kokuba isikwati sakuleli siphume kwi-last 32 kwiNdebe yoMhlaba yeFifa eqhubeka eCanada, eMexico nase-United States of America (USA).

 Unikwe unombolo 38 kule kilabhu abevele ewudlubha nakwi-Orlando Pirates.


UMayo usethengwe yiChiefs e-Algeria


Image

UKHANYISA Mayo (osesithombeni) ugcine ethengwe yiKaizer Chiefs ngo-R10 million kwiCR Belouizdad yase-Algeria.

Ngesizini edlule iChiefs beyimbolekile lo mdlali. Kuthiwa umqeqeshi omusha weChiefs, uFernando Da Cruz, nguyena othe umfuna eNaturena uMayo kule sizini njengoba efuna ukubuyisa izinsuku zenjabulo ngokuyinqobela izicoco ezimqoka kusuka ngeMTN8 abazovula ngayo ngokubhekana neLamontville Golden Arrows kwi-quarter-final.


Kuzomenyezelwa abazobanga imiklomelo yePSL


Image

IPREMIER Soccer League (PSL) izowadalula ngoLwesihlanu lwanamuhla amagama abadlali abaqokelwa eminxeni eyahlukene ukukhala bemuke nemiklomelo yokuvelela kule nhlangano ngesizini edlule ka-2025/26.

Abadlali be-Orlando Pirates kubhekeke ukuba baqoqe imiklomelo eminingi njengoba le kilabhu yashanela izicoco ezintathu inqoba iMTN8, iCarling Knockout neBetway Premiership.

Abadlali bayo abathishwa ukuwola imiklomelo eminingi nguRelebohile Mofokeng, u-Oswin Appollis nonozinti uSipho Chaine (osesithombeni).