10 | Ezikaqedisizungu 

Friday, 03 July  2026

 Woza Nazo Mzala!

Image

Sibonga okutshele iqiniso grootman

HHAWU kodwa sombonga ngani lo ositshelele uDJ Sbu ukuthi ubesebukeka njengomahleka ehlathini?

Phela uma sibuyela eqinisweni, uDJ Sbu bese kungathi uhobo thizeni njengoba ebengasagundi, netshebe engakanywa igcwele ubuso, ekotela nezihlahla ethi uyazi-hugger...

Mmmm, impela sike sabona okukhulu.

Kodwa sibaningi esisola sengathi kukhona owesifazane odlale indima njengoba le nsizwa isibukeka kangconywana. UMzala uyayithanda indlela osubukeka ngayo mfan' omdala.

Konje wake waba uMzekezeke noma usaphika namanje? Kulungile-ke grootman, ibambe kanjalo nje.


Image

 Usakwazi ukugcina izindaba zakho ziyimfihlo

UNOMCEBO Zikode ngusaziwayo wokuqala ngqa onemali ukubonwa uMzala engayenzile i-pregnancy shoot, futhi angasho nokuthi uzithwele.

Cha-ke ntokazi uyakwazi ngampela ukugcina izindaba zangasese zingezakho nje kuphela. UMzala ubone ngomuntuza omuhle ukuthi sekunelungu elisha lomndeni.

Impela singafunda okuningi la kuwe, phela sesaphilela i-social media, konke sikubhala khona...

Siyakubongela ntokazi ngokwanda komndeni.


Image

 Niyibambe kanjalo nje...

KUYAJABULISA ukubona ama-celebrity akwazi ukuzihlanganisa nomphakathi ngale ndlela, uNtokozo Ngongoma no-Ayanda Ntanzi abenze ngayo. Bakhombisile ukuthi okwenzeka kubantu kuyabathinta nabo.

Kukhuthazile  ukubona la madoda eyingxenye yombhikisho weMarch and March, ephikisa eyokuhlala kwabangaphandle eNingizimu Afrika bengenazo izimvume.

Siyabonga madoda ukutshengisa ukuthi nani niyayithanda iNingizimu Afrika. UMzala uzwile ukuthi iMafikizolo ivaliwe ukuyocula bukhoma eZimbabwe, hhayi kucaca ukuthi bekumele nihlale ekhaya, nilwele izwe njengozakwenu.