09 | Izindaba
Friday, 03 July 2026
NGUHLENGIWE Lushaba-Madlala ongenisa mawala nasemidlalweni kamabonakude.
Lucky Cain
UZAKHELE udumo ngemidlalo yeshashalazi ehambela namazwe ahlukene uHlengiwe Lushaba-Madlala, osengenisa mawala nasemidlalweni kamabonakude.
UHlengiwe abaningi kumabonakude baqale ukumbona elingisa indawo kaMaMchunu, emdlalweni osanda kuphela emoyeni, iMy Brother's Keeper, njengoba eselingisa kosanda kuqala ukukhonjiswa, obizwa ngokuthi, KwaBaba, kuMzansi Magic Channel 161.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uHlengiwe, uthe uzizwa ejabulile ngokudlala indawo kaMaMbokazi emdlalweni iKwaBaba.
Uthe ufisa le ndawo iqubule izinkulumo mayelana nosiko nomendo wakuqala, nowamanje.
Umdlalo iKwaBaba udlala phakathi nezinsuku seligamenxe ihora lesikhombisa. Ugabe ngabalingisi abanohlonze, okubalwa kubona uVuyo Biyela, uLindani Nkosi, uNhlanhla Kunene, uRorisang Mohapi-Grootboom, uKwanele Mthethwa nabanye.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto ngokudlala le ndawo uHlengiwe, uthe uyakuthokozela, futhi unesiqiniseko sokuthi abantu bazoyamukela le ndawo njengoba yehlukile kulezo azidlalile phambilini.
"Kubalulekile ukuthi labo abakhulile bafunde kulabo abasebancane, kanjalo nalabo abasebancane benze okufanayo kulabo abadala," kusho uHlengiwe, ongowokuzalwa KwaMashu.
Uthe uMaMbokazi wehluke kakhulu kunendawo abeyilingisa emdlalweni iMy Brother's Keeper, lapho ebedlala owesifazane okhulile kuneminyaka yakhe.
Uthe naye uMaMbokazi nakuba engowesifa-zane okhulile, kodwa ungconywana uma eqhathaniswa noMaMchunu.
Uqhube ngokuthi uMaMbokazi ungowesifazane ongabhedelwa, futhi okwaziyo ukuzimela nokuzilwela.
Nakuba esahanjelwa yindoda, kodwa ngokwakhe, unguyise nonina ezinganeni zakhe.
Kusukela lo mdlalo uqalile ukukhonjiswa, ababukeli bayaqhubeka nokukhombisa ukuwuthakasela, njengoba uqhakambisa uthando namasiko.
UHlengiwe ungene kulo mkhakha njengomdansi nomlingisi wemidlalo yeshashalazi, kanti udumo lwawo luqale ngo-2006, lapho anqoba khona indondo yeStandard Bank Young Artist Award, emdlalweni womdanso obizwa ngokuthi, Ziyakhipha Come Dance With Us, owawu-khonjiswa kwiNational Arts Main Festival.
Eminye imidlalo yeshashalazi alingise kuyona kubalwa i-What Is Black Music Anyway, iTrapped, iHighway To Heaven Paradise neminye.
Useke wahambela inqwaba yamazwe ngemidlalo yeshashalazi.