08 | Izindaba
Friday, 03 July 2026
Nhlanhla Hudla
UPHENDUKE isilomo kwabaningi umfanyana obonakale evunule embhikishweni wokulwa nabokufika, abaseNingizimu Afrika ngokungemthetho, obungoLwesibili, ezingxenyeni ezahlukene zezwe.
UGift Mjoli (11), ohlala eThekwini nonina - kodwa odabuka KwaNongoma - kuthiwa weqile kubo ngoLwesibili, emuva kokuba unina emdonse ngendlebe, wathi angaphumi egcekeni ngenxa yokucabangela ukuphepha kwakhe - njengoba bekunemibhikisho.
ILANGA Lempelasonto likhulume noNkz Nontobeko Mjoli, unina kaGift, othe uthukile ngesikhathi ebona ukuthi ingane yakhe isihamba phambili emashini.
"Ngingumuntu osebenza ebusuku. Kuthe uma ngifika ekuseni - ngaphambi kokuba ngiyolala - ngayalela izingane ukuba zingaphumi egcekeni.
"Bengibanika lo myalelo nje, besengithole umbiko wokuthi ngayizolo ubesemashini ebingasekhaya.
"Ngiyamazi umntanami, uyakuthanda ukuba sendaweni enabantu abaningi, futhi agqame phambili.
"Ngesikhathi ngimbona ukuthi uhamba phambili emashini ebisedolobheni eThekwini, ngithuke kakhulu, kodwa ngaba nethemba ngesikhathi sengifonelwa ngomunye wabaholi bemashi, engazisa ukuthi umntanami uphephile.
"Uyingane ekhaliphile, ekuthandayo ukufunda izinto ezintsha empilweni.
"Kuyangimangalisa ukumbona esegcwele kangaka ezinkundleni zokuxhumana, abantu bembiza ngeqhawe.
"Nginethemba lokuthi konke lokhu ngeke kumthikameze esikoleni," esho.