02 | Izindaba
Friday, 03 July 2026
01
NGOMSOMBULUKO ngomhla ka6 kuJuly, kuzobe kuphela unyaka uMkhuzi wamaPhoyisa, KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, abiza isithangami sabezindaba, lapho akhipha khona "amakati esakeni", edalula izinsolo ngosopolitiki, abaphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa.
Wakhomba ngenjumbane obengungqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Senzo Mchunu, ngokuhlakaza uPhiko olwaluphenya ngokubulawa kosopolitiki, iPolitical Killings Task Team (PKTT).
Lezi zinsolo zikaMkhwanazi zaholela ekutheni uMchunu anikwe ikhefu "eliyisipesheli", wamiswa emsebenzini. Kwasungulwa ikhomishini ephenya ngalezi zinsolo, eholwa yiJaji uMbuyiseli Madlanga, esaqhubeka namanje.
Kusungulwe neKomidi lamalungu ePhalamende, ukuphenya lokhu okwabekwa nguMkhwanazi esithebeni sezwe.
02
INGOZI yebhasi ebelithwele abagibeli abawu-73, idlule nemiphefumulo ewu-16, e-Eastern Cape, entathakusa yangoLwesine.
Ngokusho kwamaphoyisa, ibhasi ibisuka eCape Town ngesikhathi iphaphalaza ku-N1, ngaseTouws River, e-Eastern Cape.
Abashone ujuqu kubalwa abesilisa, abesifazane, izingane, njengoba abanye bephuthunyiswe ezibhedlela, isimo sisibi.
Ibingakahlonzwa imbangela yengozi.
03
NGOLWESIBILI uVusimuzi "Cat" Matlala (osesithombeni), uzovela phambi kweKhomishini yeJaji uMbuyiseli Madlanga, ephenya ngokugxambukela kosopolitiki, ekusebenzeni kwamaphoyisa kuleli.
UPhiko lwezokuShushisa kuleli, iNational Prosecuting Authority (NPA), luthi uMatlala usenze isitatimende esifungelwe, sokuthi uzimisele ukusebenza noMbuso, awunike ulwazi olungawusiza, inqobo nje uma ezokwehliselwa isigwebo ngamacala azivumele wona, ethenda eyatholwa yinkampani yakhe, yokulungisa isimo esibhedlela eThembisa.
Okhulumela iKhomishini, uMnu Jeremy Michaels, uthi uMatlala usethunyelelwe incwadi embizele kuMadlanga ngomhla ka-7 kuJuly, njengoba wake wavela ekomidini lasePhalamende.
Njengamanje usagqunywe ejele njengoba aboshelwa, phakathi kokunye, ukuzama ukubulala owesifazane ayethandana naye.
04
Yemukelwe njengamaqhawe iBafana Bafana e-OR Tambo
KUCHWAZE i-OR Tambo International Airport, ngoLwesine ekuseni, ngesikhathi kutheleka iqembu lesizwe lebhola lezinyawo, iBafana-Bafana, ekhishwe yiCanada ngo-1-0 koweNdebe yoMhlaba yeFifa eqhubeka e-USA, eMexico naseCanada.
Bebeholwa ngumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, njengoba kujatshulelwe ukuthi bakwazile ukudlulela esigabeni sikaGroup A, kwiFifa World Cup.
ABafana bakwazile ukushaya iSouth Korea ngo-1-0, badlala ngokulingana neCzechia ngo-1-1, behlulwa yiCananda, kumkhumulajezi ngo-1-0.