16| Ezemidlalo
Friday, 03 April 2026
NGU-GLODY Lilepo ekinatelwa ngu-Aphiwe Baliti weSiwelele FC.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
ISENGCUPHENI yokulahlekelwa yisibabuli somdlali iKaizer Chiefs, okuvela ukuthi sifunwa ngamakilabhu aphesheya.
ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi kunamakilabhu amabili aseFrance afuna uthuli uGlody Lilepo (28), odlala esiswini kwiChiefs.
Lo mdlali odabuka eDemocratic Republic of Congo (DRC), ujoyine iChiefs ngoJanuary nyakenye esuka kwiValenciennes edlala esigabeni esiphansi khona eFrance.
Selokhu efike kwiChiefs, udlala kahle kangangoba ube nesikhulu isandla ekutheni inqobe isicoco seNedbank Cup ngesizini eyedlule.
NGULILEPO enozakwabo uPule Mmodi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Nokho kuthiwa angase ahambe kwiChiefs uma kuphela isizini njengoba kunamakilabhu amufunayo.
Umthombo weLANGA Lempelasonto uthe: ''ULilepo angase ahambe kwazise kunamakilabhu amabili aseFrance amufunayo. Kukhona nenye enkulu yaseKazakhstan nayo okuthiwa iyamufuna.
"Kodwa-ke konke kulele kwiChiefs ngoba efika usayine inkontileka yeminyaka emibili nesigamu,'' kusho lo mthombo.
UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs, uthe ayikho into ephambi kwakhe ayitshelwe ngabaphathi mayelana nokunyakaza kwabadlali.
Uthe uma kukhona okwenzekayo, ikilabhu izokwenza isimemezelo.