20 | Ezemidlalo
Friday, 03 April 2026
NGUMQEQESHI weChiefs, uVela Khumalo enoMfundo Vilakazi esagijima kwinjejane yale kilabhu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
UBONA lehlile izinga leDStv Diski Challenge (DDC) umqeqeshi weKaizer Chiefs Reserves ezovovana inkani neLamontville Golden Arrows Reserves ngoMgqibelo ngo-10h00, eDobsonville Stadium, eSoweto.
UVela Khumalo opheka iChiefs Reserves, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi izinga lehle kakhulu kunangesizini edlule benqoba le ligi, okwenze bayogadulisana namakilabhu aphesheya kwezilwandle.
Uthi lokhu ukusho ngoba i-Orlando Pirates Reserves eqhwakele kwi-log, useyiguqise kabili kule sizini waphinde wadlala ngokulingana neMamelodi Sundowns Reserves elele isibili.
NGUMANQOBA Mlele oyisitobha se-Arrows Reserves okulindeleke ukuba aphunge amafolosi eChiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Uthi basazodlala nayo iSundowns Reserves emzuliswaneni wesibili.
"Okubuhlungu wukuthi maphakathi nesizini siqale kabusha iqembu lethu ukuze abanye abadlali banikwe ithuba lokuyodlala emakilabhini agijima kwiMotsepe Foundation Championship (MFC), nakwiSafa ABC Motsepe League ukuze babuye sebenesipiliyoni.
"Ngibona sengathi izinga lebhola liyehla emakilabhini, kangazi ukuthi ikuphi inkinga, kufanele isukunyelwe le nto.
"Kasikwazi ukuthi siqale kabusha isikwati kepha sesibalwa mdibi namakilabhu abevele eqale ngezikwati zawo isizini iqala," kusho uKhumalo.
Ebuzwa ngomdlalo we-Arrows Reserves, uveze ukuthi wumdlalo onzima okungafanele bawuthathe kalula.
Uthe babhekene nobunzima njengoba abanye abadlali befunda umatikuletsheni, okuphoqa ukuba babakhulule.
* Isiyonke imidlalo yeDStv Diski Challenge (DDC) engempelasonto imi kanje:-
NGOMGQIBELO
EDobsonville Stadium: Kaizer Chiefs Reserves vs Lamontville Golden Arrows Reserves 10h00.
ELentullus Stadium: Stellenbosch Reserves vs Orlando Pirates Reserves 10h00.
EMpumalanga Stadium: Richards Bay Reserves vs AmaZulu FC Reserves 12h00.