18 | Ezemidlalo

Friday, 03 April 2026

Image

NGO-JODY February ongunozinti weSundowns.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Uvuselele inkontileka umdlali 'oyifenisha' kwiDowns


Selokhu wafika, kunzima ukuthola isikimu

Senzo Sokhela

WELULE inkontileka yakhe neMamelodi Sundowns unozinti wale kilabhu, uJody February, ofana nefenisha kuyona, njengoba esizwa ngendaba isikimu.

IDowns izobhekana neChippa United koweBetway Premiership namuhla ngoLwesihlanu ngo-19h30
eLoftus Stadium, ePitoli.

Iya kulo mdlalo nje, ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi uFebruary welule inkontileka ngeminyaka emibili.

UFebruary wajoyina iDowns ngo-2019, esuka kwi-Ajax Cape Town. Selokhu wafika kuyona, udonsa kanzima njengoba isikimu esizwa ngendaba.

Uke wabolekiswa kwiMoroka Swallows nakumaZulu, kodwa wagcina ebuyele kuyona iDowns.

Image

NGO-FEBRUARY (okwesokudla) enozakwabo kwiDowns.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Umthombo waleli phephandaba uthe: ''UFebruary welule inkontileka yakhe neSundowns.

"Yize engadlali - njengoba ijezi elibanga noRonwen Williams - kodwa unethemba lokuthi naye elakhe ithuba lizofika,'' kusho lo mthombo.

Imizamo yokuthola uShupi Nkgadima wezokuxhumana kwiDowns ukuba aphawule ngalolu daba, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.