19| Ezemidlalo

Friday, 03 April 2026

Image

NGUSPHAMANDLA Ncanana ongukaputeniw eDurban City, ehola ozakwabo.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

OweDurban City uveza okubabeke ezingeni eliphezulu


Bafuna ukuqopha umlando ngeNedbank Cup

Mfanafuthi Ndlovu

BAFUNA ukuqopha umlando abeDurban City ezovovana inkani neCasric Stars kwiSemi final yeNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-15h00, eChatsworth Stadium, eThekwini.

I-City ithi kuyisifiso sayo ukuyiqukula le nkomishi ukuze ithole ithuba lokudlala kwiCaf Confederation Cup.

USiphamandla Ncanana oyisitobha seCity, ekhuluma neLANGA Lempelasonto uveze ukuthi yisibindi nokufudumula ekhempini yabo okubabeke kuleli zinga abakulona.

"Singajabula kakhulu uma singakwazi ukudlulela kowamanqamu, yize kungeke kubelula ngoba iCasric nayo inzima.

"Kufanele sizibambe ziqine kulo mdlalo kwazise iyaphoxana, ngoba ikwazile ukushaya amakilabhu amakhulu agijima kwiBetway Premiership, okwenza ibe yingozi uma kuwukuthi sizoyithatha kalula,'' kusho uNcanana.

Image

NGUPITSO Dladla ezifakile ezakhe ejimini, njengoba zilungisela iSemi final yeNedbank Cup.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UPitso Dladla opheka iCity, uthe akufanele neze abadlali bakhe bawuthathe kalula lo mdlalo. Uthe leli yithuba elihle kubadlali lokuziveza.

"Kufanele sibahloniphe, sisebenzise iqhinga esilisebenzise emidlalweni eyedlule. Sizolwela ukuthi sidlulele kowamanqamu.

"ICasric Stars inabadlali abaningi abanesipiliyoni. Ngenhlanhla bonke abadlali bazokube bekhona ngaphandle kukaKyle Jurgens osasesigwebeni sekhadi elibomvu,'' kusho uDladla.

Komunye umdlalo weSemi final yeNedbank Cup, iMilford FC izobhekana neTS Galaxy ngeSonto ngo-15h00 eSolomon Mahlangu Stadium, eMpumalanga.