21| Ezemidlalo
Friday, 03 April 2026
NGU-JAMES Moloi ongumengameli we-ASA.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mzwamandla Zondi
IPHALAMENDE liphakamise ukuba i-Athletics South Africa (ASA) - ehaqwe yizinkinga - ihlakazwe.
Iphalamende likhiphe lo mbiko ngoLwesibili.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-ASA ike yavela ephalamende nyakenye, lapho kuvele khona ukuthi le nhlangano iphethe imali budlabha.
Kuvele ukuthi ikhadi le-ASA lisetshenziswe ukuthenga utshwala, izingubo zokugqoka nokunye nje okungahlangene nale nhlangano.
Ngemuva kwalo mbiko, kungenelele iSascoc yanquma ukumisa uMengameli we-ASA, uJames Moloi. Ibhodi iveze ukuthi uMoloi usebenzise budlabha imali ewu-R25 000.
UMoloi utshele abezindaba ukuthi uzoyikhokha leyo mali. Ngemuva kwalokho, ubuyiselwe esikhundleni sokuhola i-ASA.
Iphalamende likhiphe incwadi ethi yonke ibhodi ye-ASA kufanele ihlakazwe, ngenxa yokuhluleka wukwenza umsebenzi wayo nokuhluleka wukwengamela izindaba zabagijimi eNingizimu Afrika.
Kuthiwa i-ASA ihlulwa wumsebenzi wayo nje, abasubathi abaningi bakhihla esikaNandi njengoba bengakayitholi imiklomelo yabo kweminye imijaho.
NGU-ALECK Skhosana owahlulwa nguMoloi okhethweni.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
I-ASA kuthiwa kayenzi lutho ngalokho. Kumanje abasubathi bayakhala ngemiklomelo yabo yeSoweto Marathon ebinyakenye, njengoba kuze kube yimanje bengakayitholi.
Ngaphandle kweSoweto, nabagijimi abebegijima i-marathon ebiseMpumalanga, ebiphethe isigidi ezingqweleni, kabakaze bayithole imiklomelo yabo, kanti kuze kube manje akukho lizwi elike lakhishwa yi-ASA.
Ngesikhathi kuvela indaba kaMoloi, iWorld Athletics (WA) ithe izokube iyibheke ngelokhozi i-ASA ngokwenzekayo ngaphakathi kuyona.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMoloi uthathe ihlandla lesibili lokuhola i-ASA ngonyaka odlule ehlula u-Aleck Skhosana, kanti emuva kokhetho, kazikhishwanga izibalo zokuthi uMoloi unqobe ngamavoti amangaki.
Kumanje iCentral Gauteng Athletics (CGA) neKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) inezinkinga njengoba ziqina izindaba zokuthi kungase kuyiwe ezinkantolo kuyophikiswana nemiphumela yokhetho lwakulezi zindawo, ngokwehlukana.
Ukhetho lweCGA lube nonyaka, kwanqoba uKarabo Mabilo, kanti eKZNA kunqobe uSteve "Black Mamba" Mkasi.