15 | Izindaba
Friday, 03 April 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Uhlu olusha lwabasakazi boKhozi FM. Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
Nonkanyiso Magubane:
Why lungavalwa Ukhozi FM, ngoba luyahluleka ukwenza umsebenzi walo?
Nontobeko Pearl Hlela:
Selundizela phansi manje uKhozi.
Musa Zulu:
Kodwa-ke nxa singakhuluma iqiniso, kunobuhlathi obukhulu kulabaphathi abakhona oKhozini.
Yebo izinguquko asinankinga nazo, kodwa makube yizinguquko ezihlakaniphile.
Phela nazo ungalandi abantu nje abafikayo, uzobashutheka ezinhlelweni ezinkulu ku-6-9 am.
Kukahle u-9-12, kodwa bekumele ahambe noThembeka Zondo.
12-3, kodwa bekuyoba kuhle ahambe noZama Mseleku or lo bhuti onguMakaThangthini, uphapheme lowo 3-6.
Mzwandile Lungani Lembede:
Isibindi sabaphathi abasha ngiyasesaba!
Sekuthathwa nama-influencer, bese enziwa abasakazi.
Maxè Khothakome:
Bhalani phela ukuthi kulaba ngobani abazodliwa wutikoloshe.
Sthembiso Mthembu:
Akudedelwe intsha nayo ihlomule, safa amakhehla nezalukazi ezigweve nomsakazo.
Iphara Lodumo:
UMroza uvela naku-9-12 Friday noma mhlampe benze iphutha.
Sir-Lindo Mantshinga:
Uphi uNongcebo McKenzie? uPenny Ntuli uyaphi manizwa, sibhalansiseni?
Samkeliso Sammy Mnisiwemvula Gabadela:
Yaze yakhona inamfunamfu, abahambe bashone noKhozi FM lwabo.
Mnguni Pamela:
Mina ngilalela esinye isiteshi, Izwi Lomzansi. Aningiyeke nge-sparrow FM.
Sbusiso Rodgers Mncwango:
Awu! Sihambile thina lapho kuleso spaza shop sabo. Singena kwi- Gagasi FM, sengathi lona lusezwa ngabaleli.
Siyabonga kwiGagasi FM.
Khaayaa Chonco:
Angazi nokuth kwakuyinini ngigcina ukulalela i-radio, but ngizoke ngibuyele if kungekho bhola elidlalayo. Ngilalela uKSG, Sdudla mix (Khetha Gwala), umahamba qede kusale kudilika izindonga. Izona esakhula ngazo lezo, aboKSG nabo Lucky Sefatsa.
Mlondi G Mzizi Ongapheli:
Kungcono angilaleli kwa-radio.
Nonkanyiso Magubane:
Goodbye Ukhozi FM, hello Gagasi FM. 🥂
Nombuso Nombuso:
Yhoo anime ngalo msakazo, sibhekene nenkinga yabokufika ngokungemthetho kuleli.
Mzwandile Ntuli:
Ngihalalisela uMakaThah. Ngamuzwa kwiSiyayijika Lento, unalo ikhono lokusakaza.
Mnqobokazi Mgabadeli:
Into ehluphayo ngabalaleli boKhozi FM, wukuthi bathanda udumo, bese beba ngamaxoki, benza sengathi umsakazi bayamthanda, kodwa athi angakhishwa emsakazweni, bese beyakhohlwa nguyena.
Kuyothi angabuya, nabo benze sengathi bamthanda kakhulu. Uma befona emsakazweni abalaleli boKhozi FM, bafonela udumo.
Ukube bekuya ngami, bekuzovele ludutshwe uKhozi, lungalalelwa muntu ngoba omathandukuduma bahlale besemafonini, kunede kuvulelwe izingcingo oKhozini, bangenele ukufona ezinhlelweni.