14 | Izindaba

Friday, 03 AprilΒ  2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

Uhulumeni usumemezele ukuthi unqume ukwehlisa ngo-R3 elitheni, intela ebizwa nge-fuel levy. Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:

Image

01


Sikhumba Sencanga:

Usekhohlwe wukumemezela ukuthi emisebenzini abenyusele izisebenzi imiholo ukuze zimelane nalesi simo. πŸ€”

02


Thokozani Phiri:

Kungani bengayikhiphi nje finish? Okungenani ibuye iqhubeke uma isimo sesibuyele kwesijwayelekile.

03


Sokhulu Zondo:

Kuyefana u-petrol awukaze wehle ngale mali osuke wenyuke ngayo. Uhlale wehla ngama-cent.

04


Mfundo Mncwabe Ka Kathini:

Yini kungashiwo inani okhuphuke ngalo?

05


Simphiwe Mnguni Khuzwayo:

Akaphinde ehlise ngo-R2, wenyuke ngeshumi.

06


Khurlerh Lorh Mft:

Kudlalwa ngathi la. Ngeke, imali engaka? πŸ™†πŸ™†πŸ™†πŸ™†

07


Maxè Khothakome:

Abaphinde banyuse ngeke.

08


Mzamo Mkhize:

Kuyefana nje.

09


Ndabenhle Ngcobo:

Uhulumeni ofile vele. Unani kanti wona oyibekele abantu bakhe? Kwathi nje pheze, uyagadla.

10


Thando Mfenenhle Thusi:

Kayibe isabuya leyo mali ye-levy.

11


Sbusiso Zwide:

Wumsebenzi omuhle nje lowo.

12


Hope Thandi:

Best President Ramaphosa!