10| Ezikaqedisizungu

Friday, 03  April  2026

Woza Nazo Mzala!

Kodwa wenzani uVusi Nova ezosiqulekisa?

Image

 

UMZALA ukhule abadala bethi, akudlalwa ngokufa, kodwa namuhla senenza noma yikanjani.

Ingiphathe kabi eyokubona uVusi Nova (
osesithombeni esingenhla), edlala isikeshi sakhe kungathi ufile, noMoshe Ndiki wakhulumela abangani.

Bekuyi-April Fool. Siyakuqonda lokho, kodwa ezinye izinto kazehli kahle, ikakhulukazi kithina bantu abamnyama.

Dlalani nigcine lapho enithanda khona, kodwa le nto eniyenzayo, ayilungile. Impela seniphelelwe yizinto eningadlala ngazo.


Image

Wavelelwa uDJ Lamiez 'yiwele' elizenza yena ngenkani, libe liphika!

KUNEZINTO esike sicabange ukuthi zigcina ukwenzeka kuma-movie kuphela, kepha okucacile wukuthi ziyenzeka nasempilweni yangempela.

UMzala ufunde isitatimende sikaLamiez Holworthy, nosisi obukeka njengaye, athi useqala ukuthuka abantu kwiTik Tok.

Uthi ngesikhathi lo sisi eqala ukugqoka njengaye, wayeze amthege (tag) ezithombeni zakhe.

Nakuba uLamiez wayekuthokozela lokhu, uthi kwasekumethusa ngoba lo sisi ubesenama-tatoo afana nawakhe, kanjalo nesitayela sezinwele zasekhanda.

Hhayi, impela izinto zimane ukwenzeka!
UMzala uzinike ithuba lokuyoqalaza le ntokazi okukhulunywa ngayo.

Maye! Kungathi bangamawele impela!
Impela iyethusa indlela lo sisi noLamiez abafana ngayo. 


Image

Kodwa Ngwenya sizoshayela kanjani sibe sikubuka emafonini, usazisa nge-traffic?

WELOKHUZA uyazi ukuthi uMzala ukukhonzile, njengoba sewuhambile nje oKhozini FM, sisathanda ukukulandela.

Phela isiphiwo sakho kweze-traffic, singefaniswe nesamuntu. Ngibonile ukuthi laphaya kwiFacebook, usaqhubeka nokusibikela ezemigwaqo.

Inkinga yami 'Ngwenya yami' wukuthi phela kufanele ngidonse umakhalekhukhwini, ngiwubuke ukuze ngizwe ukuthi kuhamba kanjani kwi-traffic.

UMzala uzolenzanjani iphoyisa loMnyango wezokuThutha, eliqhamuka selithi, 'Nenzani Ezweni'?

Phela kuwukwephula umthetho ukusebenzisa i-cellphone ube ushayela.
Awuyicabangisise lena mfo kaMsweli (Ayanda).