07  | Izindaba

Friday, 03  April  2026

I-Sassa igcizelela eyokubanjwa kwezibonelelo zabangafuni ukuphenywa

Baphekwa ngemibuzo ukuqinisekisa ukuthi bahola ngoba kufanele...

Ziwu-70 000 izibonelelo ezihoxisiwe kweziwu-240 000 ezicusthunguliwe...

Image

 Thandoluhle Ngubo

ISASSA ithi kunabantu abasengcupheni yokulahlekelwa yizibonelelo zabo uma kuphela izinsuku eziwu-30 bengayiphendulile imiyalezo ebabizela emahhovisi asesduze nabo, beyophekwa ngemibuzo ukuqinisekisa ukuthi bahola ngendlela efanele yini.

ISassa isho lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi ithula uhlelo lwayo lokuholwa kwezibonelelo kunyakamali ka-2026/27.

Ukuqinisekisa ukuthi abahola izibonelelo bazihola ngoba kufanele, kuza ngemuva kwekhwelo elahlatshwa yiHhovisi likaMgcinimafa kazwelonke, lokuba uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uqinisekise ukuthi uqinisa isandla ukugwema ukusetshenziswa kwesabelomali seSassa ngendlela okungeyona.

ISassa iqale uphenyo ukubheka ukuthi abathola izibonelelo kabazona yini "izipoki", kabaholi ngenkohlakalo, futhi imininingwane yabo iqondile.

Ngenyanga eyedlule isikhulu esiphezulu seSassa uMnu Themba Matlou, siveze ukuthi sebecubungule izibonelelo eziwu-240 000, eziwu-70 000 kuzo zihoxisiwe ngenxa yokuthi abaziholayo bahluleka wukuyovela emahhovisi aseduze nabo ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Image

Uthi lolu hlelo longele iSassa imali ecela ku-R44 million ngenyanga. NgoLwesithathu, iSassa iveze ukuthi izoqhubeka nokubamba izibonelelo uma abaziholayo bengahambisani nemithetho yokuphenywa.

"Nakuyo le nyanga bakhona abangeke bazithole izibonelelo zabo. Uma lokho kwenzeka, kufanele baye emahhovisi, bayohlola ukuthi yikuphi okubambile. Kubalulekile ukuthi sibakhumbuze abathola izibonelelo ngokubaluleka kokusinika imininingwane eyiyo.

Uma kwenzeka kuba noshintsho emininingwaneni yabo ebalulekile, kumele basazise kungaze kufike esigabeni sokuvalwa kwezibonelelo," kusho abakwaSassa.