05 | Izindaba
Friday, 03 April 2026
Uboshelwe icala lokugqekeza, kanti amasampula olibofuzo azomyamanisa nokudlwengula...
I-NPA ithi lesi sigwebo sizothumela umyalezo nakwabanye abahlukumeza abesifazane...
Intatheli yeLANGA
UGWETSHWE iminyaka ewu-85 ebhadla ejele owesilisa wase-Estcourt, olahlwe amacala amahlanu okudlwengula abesifazane, okuthiwa wayebangenela ezindlini.
USabelo Khumalo (33), ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda yase-Estcourt ngoMsombuluko. Kubikwa ukuthi izisulu zikaKhumalo zineminyaka ephakathi kuka-22 no-29 ubudala.
Ngokombiko wenhlangano eyengamele ukushushisa kuleli iNational Prosecuting Authority (NPA), uKhumalo ulahlwe ngamacala amahlanu okudlwengula, amabili okugqekeza ngenhloso yokweba, nelokweba.
Zonke lezi zigameko zenzeka eNtabamhlophe khona e-Estcourt, phakathi kukaJanuwari 2021, noSeptemba 2023. Kuthiwa uKhumalo wadlwengula abesifazane abahlanu ayebangenela emakubo ezintathakusa, belele.
Kuthiwa ezigamekweni ezimbili ayedlwengula kuzo, wathatha omakhalekhukhwini bezisulu ngaphambi kokubaleka. Kuvele ukuthi izisulu zayiswa esibhedlela sendawo zayothola usizo, emuva kokudlwengulwa nguKhumalo.
Kuvele ukuthi ngesikhathi eboshwa, wayeboshelwe icala lokugqekeza elingahlangene nalawa, kwabe sekuthathwa amasampula olibofuzo, kuyena okuyiwona amyamanisa nalawa macala okudlwengula.
Ngesikhathi kuqhubeka icala, umbuso ubize izisulu ukuba ziyofakaza enkantolo. Zonke izisulu zichaze ngobuhlungu ezibhekane nabo emuva kokudlwengulwa nguKhumalo.
Umbuso uphinde wasebenzisa nobufakazi bongoti obuyamanise uKhumalo namacala. Ucele inkantolo ukuba igwebe uKhumalo iminyaka efanele.
Inkantolo ibe seyimgixabeza ngeminyaka ewu-15 icala ngalinye lokudlwengula, neminyaka emihlanu kwelokugqekeza ngenhloso yokweba.
Iphinde yakhipha umyalelo wokuba igama lakhe lifakwe ohlwini lwabalahlwa ngamacala okunukubeza ngokocansi, yamephuca nelungelo lokuphatha isibhamu.
INPA iveze ukuthi iyakwamukela ukuphothulwa kwalolu daba ngempumelelo. Ithi inethemba lokuthi isigwebo sizothumela umyalezo ocace bha, wokuthi bazojeziswa abadlwenguli.