14 | Izindaba

Friday, 02 OctoberΒ  2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:

Isililo ngegoso elibhubhe namagidangoma engozini:

Image

01


Smamiso Kwesaba:

Hhawu! Ingane kamalume kuyiyona yodwa. Awu kodwa Mnguni kanjena pho?

02


Mihla Mntunga:

Kunzima emhlabeni, kazi soneni? 😭😭😭😭

03


Sphesihle Zulu:

Cha ubeyigagu uThustabani, ngisho la eMpumalanga besimazi bakithi.πŸ˜­πŸ’”

04


Ntombfuthi Msomii:Β 

Yoooh nkosi yami Thixo, kwaze kwabuhlungu! Sengathi bangalala ngokuthula.πŸ’”πŸ˜­

05


Uhm Kuander Isbatshazwa SakoGengwayo:

Le ngozi isethusile kakhulu siyizakhamizi, kuvele kubande amathumbu.

06


Zandile Masondo:

Mhh kubuhlungu. Kanti lo Nkulunkulu esimkhonzayo, esithi ukhona, usuke eseyephi?
Yisono abantu beshona bekhala. 😭😭😭😭😭😭😭😭

07


Bongi Mbatha:

UNkulunkulu aqinise umndeni, aqinise isizwe sonke asipholise amanxebaΒ avulekile, asule izinyembezi.

08


Mjabs Bizz:

Imindeni sicela iduduzeke ngalesi sikhathi.

09


Muzi Zulu:

Ngendlela enesidina ngayo ingelosi yobumnyama, ayikhethi, iyenza nje futhi kayinazwelo

10


Zodwa Gumbi:

Isizwe saseMdletsheni sisemanzini, 13 wonke wezinsizwa. Umkhuleko siyawudinga.πŸ’”πŸ˜’

11


Mazwide Nxumalo Maka Asih:

Kodwa Nkosi senzeni, sekwanele. 😭😭😭

12


Mabhebhe Manyelela:

Kwaze kwabuhlungu ngomkhaya wami bakithi. Ubefunda eCwakeme High School.

13


Nqobile Nqobza:

Umndeni mawuphephise nkosi. Yeyi uyabona lena yokusha komuntu! 😭😭

14


Mankosi Ongancethezi:

Oh nkosi sikhulekela imindeni ekulesi simo, uShembe aze abakhumbule. Kubuhlungu, kuyezwela. 😭😭😭😭

15


Londiwe Mdletshe:

Ubunkunzi bakho kabusoze bafaniswa nobomunye. Ubuyenza into yakho, lala uphumule 2stabani classmate wami. Angikakholwa. πŸ˜­πŸ˜­πŸ˜­πŸ’”πŸ’”πŸ’”πŸ’”

16


Londy Londeka:

Ayikhulumeki lena. πŸ’”