03 | Izindaba
Friday, 01 May 2026
Kuzobungazwa impilo kaShwi nohambo lwakhe emculweni
NGUSHWI noMtekhala
Mthobisi Sithole
UZOSHAYELA isigxivizo sokugcina sokubuyisana phakathi kwezilomo zabaculi bakamaskandi umgubho kaMandla "Shwi" Xaba ozohlanganisa noZwelenduna "Mtekhala" Magubane eGoli ngenyanga ezayo. Lokhu kuzokwenzeka mhla ka-6 kuJune eQuestrian Centre, eSoweto.
Kulo mgubho okuboshelwe kuwona abaculi abehlukene, uShwi ubonga nokuthi sebebaningi abaculi bezinhlobo zomculo ezehlukene abakholelwa kuyena njengoba bemupika ezingomeni zabo. USandile Xaba ongomunye wabahleli baleli dili lo mcimbi, uthe lo mgubho uzobe ucacisa okuningi ngempilo kaShwi kwezomculo. Uthe nakuba uMtekhala ezokube eyingxenye yomcimbi kodwa uzofika ezimele egameni lakhe.
NGUSHWI Mantombazane okuhlelwe idili lomculo ukubungaza uhambo lwakhe emculweni.
"Umgubho siwenza ngaphansi kwegama likaShwi Mantombazane. UMtekhala bagudle naye isikhathi eside futhi uzobe ekhona. Konke abakwenze bebambisene kuzobonakala phambi kwabantu njengoba sebebambisene namanje," kusho uSandile.
Utshele leli phephandaba ukuthi uShwi ziningi izimo adlule ngaphansi kwazo ezinye ebezinyakazisa isiphiwo sakhe kwezomculo, njengoba eseqede iminyaka ewu-35 esendimeni.
"UShwi usuka kude emculweni kusukela eyibambe kuNgxalothi, kuMahawukela, kuMatshitshi Amhlophe, kwiZingane Zoma, eqenjini lesicathamiya iHlanganani, kwaze kwaba basungula iqembu likaShwi noMtekhala. Ngakho-ke bekuyihlazo ukuthi impilo yakhe ayikaze ibungazwe," esho.
Abaculi abazobe beshiyelana inkundla kubalwa iGcokama Elisha, uMjikelo, uSminofu, uMtekhala nabanye abaningi. Amathikithi omcimbi aseyatholakala ngo-R200 eComputickets. Iqembu likaShwi noMtekhala lisungulwe ngo-1999, okuthe ngo-2004 laqopha umlando lidayisa amakhophi angaphezulu kuka-750 000 kwi-albhamu ethi "Wangisiza Baba", eyayigabe ngenoni elithi "Ngafa".