20 | Ezemidlalo
Friday, 01 May 2026
NGU-GERDA Steyn okubhekwe ukuba adle umhlanganiso kwabesifazane.
Mzwamandla Zondi
KUYAVALWA ngoMsombuluko ukuthumela izikhathi zokubamba iqhaza kwiComrades Marathon yanonyaka ezokuba ngeSonto lomhla ka-14 kuNhlangulana (June), isukela eThekwini isongwe eMgungundlovu.
Umjaho wanonyaka ngoka-99, kanti kuqopheke umlando ngesikhathi isibalo sabasubathi abawungenele sigcwala emahoreni awu-10 nje kuphela kuvuliwe ukuwubhalisela.
Lo mjaho ungenelwe ngabasubathi abawu-22 000. Ngesikhathi kubhaliselwa lo mjaho, abasubathi banikezwa umhla ka-4 kuMay ukuthumela yonke imininingwane yabo.
Uma usubhalisile, bekufanele uthumele isikhathi osenzile ukuze ufakwe endaweni ozosukela kuyona, ikilabhu ongaphansi kwayo, ilayisensi ka-2026, umuntu ozothintwa uma kwenzeka uvelelwa yinkinga ngosuku lomjaho, nokunye.
IComrades Marathon Association (CMA) ithi abasubathi abazohluleka wukuthumela okunye kwalokhu okudingeka ngenhla ngoMsombuluko, kuzofanele bakhohlwe wumjaho wanonyaka.
I-CMA ithi ibanga lanonyaka lizokuba wu-85.777km, okungelifishane kunomjaho odlule njengoba laliwu-85.910km ngo-2024, kubhekwe eMgungundlovu, kusukwa eThekwini.
Abasubathi besilisa bazokuba bejaha u-5:24:49, okuyirekhodi elenziwa nguLeonid Shvestov waseRussia ngo-2008, ngesikhathi umjaho uphelela eCricket Oval uwu-86.940km.
Ingqwele yango-2024, uPiet Wiersma waseNetherlands, yahluleka kancane ukwenza irekhodi, ibeka u-5:25:00.
Kwabesifazane kubhekwe uGerda Steyn ukuba asivikele isicoco sakhe.
Lo msubathi unqobe lo mjaho ngo-2024 wabeka u-5:49:46, enza kangcono isikhathi sakhe sango-2019, esasiwu-5:58:53.
Nonyaka kubhekwe ngabomvu uTete Dijana ukuthi uzokwazi yini ukwenza kahle kwi-up run. Usewunqobe kathathu lo mjaho kuyi-down run, kodwa akakaze awunqoba uma kubhekwe eMgungundlovu.
Kulindelwe iCMA ukuba ikhiphe umbiko ngezinguquko ezingase zibe khona nonyaka.
Abasubathi abafuna ukufaka izikhathi zabo bangangena kwi-website ethi: www.comrades.com.