19 | Ezemidlalo

Friday, 01 May 2026

Image

NGUTHENDO Mukumela ongukaputeni weBlack Leopards okulindeleke ukuba ayihole isibhekene neKruger United koweligi.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Wumlingo ongavimba iKruger United ukungena kwiBetway Premiership


Izobhekana neBlack Leopards evika izembe kwiMFC emdlalweni ongoMgqibelo

Mfanafuthi Ndlovu

SEBEYAYIBONA indlela ebheke eKhenana abadlali beKruger United ezovovana inkani neBlack Leopards koweMotsepe Foundation Championship (MFC) ngoMgqibelo ngo-15h00 KaNyamazane Stadium, eMpumalanga.

IKruger ihleli esicongweni futhi kakubukeki ikhona ikilabhu esazokwazi ukuyijomba kwi-log ngenxa yokuthi kayidedeli lutho uma isekhaya.

UCelimpilo "Zidane" Ngema olihlikihla esiswini kule kilabhu, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi konke sekulele kubona njengabadlali, ukugcina umgqigqo wokungawadedeli amaphuzu ekhaya.

Uthi ukuze unqobe lesi sigaba, kubalulekile ukuphendula ikhaya lakho "ikwalubhadwa", ukuze ukwazi ukuqoqa amaphuzu amaningi uphambi kwabalandeli bakho, bese ulwela ukungehlulwa ekuhambeni.

"Lo mdlalo wethu neLeopards usho lukhulu kithina ngoba unengcindezi njengoba nayo ilwela ukubalekela izembe.

"Kumqoka ukuba sisebenzise ukuba khona kwabalandeli bethu enkundleni ukuze babuzwe ubunzima bokubhekana nathi ekhaya," esho.

Image

NGUCELIMPILO Ngema weKruger exinwe nguHeaven Seeretsi weCape Town City.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Lo mdlali - okhonjwe indlela ngamaZulu FC ngesizini edlule, kwavela izinsolo zokungaziphathi kahle - uthi kwamsiza ukwehlela esigabeni seMFC ukuze akwazi ukuzithola ukuthi ungubani, nokuqhelisa abangani abangalungile eduze kwakhe.

Uthi usewabonile amaphutha awenzile esikhathini esedlule, futhi uyazisola ngawo.

Uthi umqeqeshi wabo, u-Abram Mangoye, ubadonse ngendlebe ngokubaluleka kokuhlonipha wonke amakilabhu abasazobhekana nawo kwiMFC.

Kuzokhumbuleka ukuthi nangesizini edlule iKruger ibilwela ukunyukela kwiBetway Premiership, kodwa yaphazamiseka.

ILeopards ngenye yamakilabhu ayiphazamisile, iyibhabhadisa ngo-3-0 sekusele imidlalo embalwa kuphele isizini.
Nasemlenzeni wokuqala wale sizini, iLeopards ishaye iKruger ngomphumela ofanayo.

Kubadlali ababhekiwe kwiKruger; nguNgema, uNeverdie Makhubela noMlungisi Sikhakhane ukubala nje abambalwa, kanti kwiLeopards nguMukumela, nguSydney Fakude noZukile Mkhize.

Isiyonke imidlalo yeMFC engempelasonto imi kanje:
NGOLWESIHLANU
ESolomon Mahlangu: Casric Stars vs Baroka FC 15h00.
ENelson Mandela University: Highbury FC vs Midlands Wanderers 15h00.
NGOMGQIBELO
EMhlathuze Sports Complex: Milford FC vs The Bees 15h00.
EMxolisi Dicky: Hungry Lions vs Upington FC 15h00.
KaNyamazane: Kruger United vs Black Leopards 15h00.
ETuks: University of Pretoria vs Lerumo Lions 15h00.
NGESONTO
EThohoyandou: Venda FC vs Leicesterford City 15h00.
E-Athlone: Cape Town City vs Gomora United 15h00.