11| Ezikaqedisizungu  

Friday, 01 May 2026

Woza Nazo Mzala!

Image

NGUMLINGISI uMbali Ngiba obekhala ngokuhlukunyezwa ngesikhathi esalingisa kuMkhokha.

Kunzima kuMzala ukudabukela uMbali Ngiba emuva kokumbona edelela unogada

UMLINGISI uMbali Ngiba uvele kwenye yama-Podcast, ekhala ngokuhlukumezeka ngesikhathi esalingisa emdlalweni wakumabonakud, Umkhokha: The Curse.

Uthi wayekhala nsuku zonke, kuthi uma efika ekhaya, apake imoto adinde isililo. Kuthe kusenjalo, vumbu, i-video yale ntokazi idelela i-security, ithi lihola u-R4 000, futhi kalinawo ngisho u-matric. Maye!!

Ngivele ngakhexa. Phela akukwazi ukuthi ufune ukudatshukelwa njengesisulu, wena futhi uphinde uzohlambalaza abanye ngemisebenzi ebondlela imindeni yabo.

Kangifuni ukukwahlulela ntombi, kodwa leya video, inginike esinye isithombe ngohlobo lomuntu onguye, ubukelana phansi.

Image

Uyedelela uNaledi Aphiwe,  akalutholanga uswazi esemncane

EZINSUKWINI ezedlule, uMzala uncome umculi uNaledi Aphiwe (osesithombeni esingenhla) ngokukhula.

Hhawu!  Kuthe sekufika amaMetro FM Awards, kwanqaba kule ntokazi ukuthi ivale umlomo.

Le ngane icikwe wukuwina kweqembu lezinkakha zomculo iLadysmith Black Mambazo, yathi bekuvota omkhulu nogogo, yingakho kuwine leli qembu.

Kayigcinanga lapho, yabhala yathi, "Yini yona iLadysmith Black Mambazo."

Image

Ugcobani uMabuyakhulu esikhunjeni, wakhanya nje?

AKUSAVUMI mangithule x5...kusho uMzala, ecula ngephimbo elipholile.
Cha bahlali ngehlulekile ngempela manje.

Isosha lika-Oliver Tambo alitshele uMzala ukuthi kungani ligcoba ikekesi?

Phela uMike Mabuyakhulu (
osesithombeni esingenhla), sikhule naye.  Ubeyinsizwa ezothile ngokwebala, kodwa manje ufana nse noKhanyi Mbau. Kungathi bayizingulube eziphaliwe.

Hhayi bo khuzani madoda!
Kuyonakala laphaya.