08 | Izindaba

Friday, 01 May 2026

Imisiko yeNdoni Fashion House, ihloniphe iziqhaza


Yethiwe ngeleQhakaza Mihla Nezolo

Image

NGEMINYE yemisiko ebisembukisweni weNdoni Fashion House, obuseThe White Box, eThekwini.

Thandi Zondi

YETHULWE ngenkulu impumelelo imisiko yezimpahla zokugqoka ngaphansi kwelebuli iNdoni Fashion House, kamsiki wengqephu uKwenzi Nkomo.

Kulo mbukiso obugxile emisikweni yasekwindla neyasebusika, wethiwe ngeleQhakaza Mihla Nezolo.

Bewubungaza abesifazane abamnyama abasebenza kanzima, bebizwa ngeziqhaza, futhi ugqugquzela ukuba basukume bazithintithe, baqhakaze.

Image

"Uma sithi 'Qhakaza Mihla Nezolo', sibheka lapho esiphuma khona nokuthi singobani.

"Kuyindlela yokuhlonipha imizamo engajwayele ukubonakala ebusweni babantu, okuwukubeke- zela nezithukuthuku ezingabonwa ngumuntu, kanjalo nesinqumo sokusukuma uzithintithe, uphokophele phambili.

"Ngale misiko bengifisa umsiko ngamunye uqukathe inkumbulo nokuzazi nokuzikhumbuza zikhathi zonke, ukuthi sinawo amandla okusukuma siqhakaze ngesibindi nsuku zonke," kuchaza uKwenzi.

Uthi umsiko ngamunye uxoxa indaba. Le misiko yethulwe eThe White Box, eThekwini.
Kule misiko bekukhona eyokuswenka uconse, bese kuba khona leyo okwazi ukuyigqoka nsuku zonke.



Image

Indoni Fashion House yasungulwa ngo-2012.  Yazakhela ugazi ngesikhathi ingenela umbukiso wezemfashini iDurban Fashion Fair ngo-2014.

Kusukela ngaleso sikhathi le lebuli iyaqhubeka nokukhula. Eminyakeni eyedlule uKwenzi useke wahlabana ngama-award ayinqwaba kwiDurban Fashion Fair, okubalwa kuwo eyeBest Ladies Wear Designer (2019–2022), iDesigner of the Year (2022–2023) neyeFashion Business of the Year.

Image

Useke wayobukisa ngomsebenzi wakhe kwi-Pure London nakwi-Ethiopia Fashion Week, kwi-African Fashion International nakwi-Johannesburg Fashion Week.

Ngaphezu kwalokho, izimpahla zakhe ziphinde zitholakale ezitolo zakwa-Edgars nakwezinye ezikhethekile, njengaseThe Fifth, eGlenwood Village, eWestown, naseHouse of Nala ese-Oceans Mall. Iphinde itholakale online. (www.indonifashionhouse.com).