19 | Ezemidlalo
Friday, 01 August 2025
NGUKAPUTENI weRichards Bay FC, uSimphiwe Mcineka.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UVEZA okungase kubanqobise umdlalo onzima ababhekene nawo ukaputeni weRichards Bay, uSimphiwe "Khimba" Mcineka.
IBay izobhekana neMamelodi Sundowns kwiQuarter final yeMTN8 ngeSonto ngo-18h00 eLucas Moripe Stadium, Atteridgeville.
NGUMCINEKA exinwe ngumgadli weSundowns, u-Iqraam Rayners.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UMcineka oyisitobha seBay uveza okungase kubanqobise lo mdlalo.
"Umdlalo ngeke ube lula, kodwa-ke okungase kusinqobise wukuthi kasizona izimfivilithi, okuzokwenza silwe.
"Siyazi ukuthi abantu abaningi kabasiniki lutho, babona singeke sibuye newini, kodwa thina ngokuzethemba kwethu, nangendlela esizilungiselele ngayo nabadlali esinabo, ngiyethemba ukuthi sizokwazi ukujabulisa abalandeli bethu nemindeni yethu.
"ISundowns inabadlali abaseqophelweni eliphezulu, kanti njengoba kade ikwiFifa Club World Cup yangenza kahle, izofuna ukwenza kangcono kwiMTN8.
"Ngeke siyibuke nje izidlalele yodwa, sizosebenza ngokuzikhandla ngoba sinabadlali abasebancane.
"Uma singasebenzisa umfutho walaba bafana abancane esinabo kulo mdlalo, ngikholwa wukuthi nalokho kungasinqobisa lo mdlalo,'' kusho uMcineka.