20 | Ezemidlalo

Friday, 01 August 2025

Umyalezo weBucs ngeMTN8


Ihlose ukubukisa ngePolokwane City "ukugwajisa" izimbangi


Image

NGUKAPUTENI we-Orlando Pirates, uNkosinathi Sibisi egadulisana noFiston Mayele wePyramids yase-Egypt. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

IFUNA ukuthumela umyalezo oqinile ezimbangini zayo ngesicoco seMTN8 i-Orlando Pirates evikela le nkomishi.

IBucs izobhekana nePolokwane City kwiQuarter final yeMTN8 ngoMgqibelo ngo-15h00 e-Orlando Stadium, eSoweto.

Iqophe umlando ngalo mqhudelwano njengoba isiwunqobe amahlandla amathathu kulandelana.

Image

NGUSIBISI (okwesobunxele) ehleli noTlou Nkwe wePolokwane City ngaphambi kokuba babhekane enkundleni ngoMgqibelo. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UNkosinathi "Bhodlela" Sibisi odabuka eHowick, KwaZulu-Natal - oqokwe njengokaputeni omusha wale kilabhu - uthi abazokwenza kulo mdlalo wePolokwane, bahlose ngakho ukuthumela umlayezo oqinile ezimbangini zabo ngabazokwenza ngale sizini.

"Ingcindezi yinto esihlale sinayo la kwiPirates, akukhathalekile ukuthi udlala umdlalo weligi noma owenkomishi.
"Kodwa-ke sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi sizovikela okungokwethu.

"Empeleni sihlose ukuyothumela umlayezo ngalo mdlalo ngesizokwenza ngale sizini, yingakho sizobahlaba ngo-3-0, sidlulele phambili,'' kusho uSibisi.

Isiyonke imidlalo yeMTN8 iqhathwe kanje:
NGOMGQIBELO
E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Polokwane City 15h00.
EPeter Mokaba Stadium: Sekhukhune United vs TS Galaxy 18h00.
NGESONTO
E-DHL Cape Town Stadium: Stellenbosch vs AmaZulu 15h00.
ELucas Masterpieces Moripe Stadium: Mamelodi Sundowns vs Richards Bay 18h00.