Ezemidlalo | 22
Friday, 25 July 2025
NGUTHABO Cele olihlikihla esiswini kwiKaizer Chiefs.
Wina amathikithi okuyobuka umdlalo weToyota Cup eMabhida
Senzo Sokhela
UWUBONA umkhulu umqansa obahlalele ngale sizini ezoqala uThabo Cele odlala esiswini kwiKaizer Chiefs,
ezobhekana ne-Asante Kotoko yaseGhana koweToyota Cup ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UCele, odabuka KwaMashu, uthi kayikho into emjabulisa njengokuzodlala ekhaya kwazise uthola imfudumalo kubantu baKwaZulu-Natal. Nokho uthi mkhulu umsebenzi osemahlombe abo njengoba bebhekiwe ngale sizini ezoqala.
"Ukubuya kwami ngizodlalela ekhaya kusho lukhulu kimina ngenxa yothando engilutholayo olungachazeki. Lokhu kwenza ufune ukusebenza ngokwengeziwe, ufune nezindlela zokusiza ikilabhu.
"Ukubamba kwethu ikhempu eNetherlands, sibe ndawonye (nabadlali abasha), kwenze saba nobunye. Kufanele silwe, senze kangcono kunangesizini edlule lapho siphuthwe khona yi-top 8.
"Siyitholile inkomishi ebesiyifuna kodwa siyazi ukuthi mkhulu umthwalo osemahlombe ethu njengoba siyodlala nase-Afrika. Sinezinto esifuna ukuzizuza ngale sizini, kuzofanele sisebenze ngokwengeziwe," esho.
Uthi nakuba engenalo ulwazi olungako ngeKotoko kodwa bazokwenza konke okusemandleni ukuthi bayawunqoba lo mdlalo. Uthi bayazi ukuthi iGhana inabadlali abaseqophelweni eliphezulu.
Ube esecela abalandeli babo ukuba baphume ngobuningi ukuyobeseka kulo mdlalo. Amathikithi alo mdlalo abiza u-R80 eShoprite/ Checkers nase-Usave ezweni lonke kanti umlandeli onenhlanhla uzophuma kulo mdlalo esehamba ngeToyota Starlet entsha ceke ezowinwa.
Wina awokubuka oweToyota Cup eThekwini
ILANGA libambisene neKaizer Chiefs baphisana ngamathikithi ahamba ngamabili kubafundi abanenhlanhla okuyobuka iziMpofana zibhekene ne-Asante Kotoko yaseGhana kwiToyota Cup ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ukuzibeka ethubeni shayela ku-031 334 6724 ngoLwesihlanu, kusuka ngo-15h00 kuya ku-15h10, uphendule le mibuzo elula.
1.Yisiphi isikhulu seChiefs ebesisekhasini lezemidlalo ephepheni langoLwesine?
2.Odabeni olukhuluma ngomdlalo wezingwazi olusekhasini 25 kwelangoLwesine, kuthiwe ngubani ozokube eqeqesha iKaizer Chiefs Legends?
Niyacelwa ukuba ningashayi ngaphambi nangemuva kwesikhathi esibekiwe. Kubamba ezingelayo.