21 | Ezemidlalo

Friday, 12 September 2025

Sizizwa sizelwe kabusha isitobha soSuthu

Aseqalile ukudayiswa amathikithi omdlalo neStellies
Image

NGU-KEEGAN Allan (ongqofa ibhola) oyisitobha soSuthu.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mfanafuthi Ndlovu

UZIZWA ezelwe kabusha uKeegan "Mlungu" Allan ngokujoyina AmaZulu FC azoshukana neStellenbosch FC koweBetway Premiership ngoLwesithathu ngo-19h30 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Lesi sitobha sitshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ikhefu leFifa abaphuma kulona, libasebenzele kakhulu njengoba abaqeqeshi bekwazile ukulungisa lapho bekuxega khona, ukubalola kahle. Sithe bawubheke ngabomvu umdlalo weStellies, esikholwa wukuthi uzokuba nzima.

Nokho kubhekwe ukuba uSuthu luyifice isashukekile iStellies njengoba ngoMgqibelo izogijima umdlalo onzima wamanqamu weMTN8, ezobhekana kuwona ne-Orlando Pirates ngo-18h00 eMbombela Stadium, eMpumalanga.

"Silindele umdlalo ozosinda kuzona zombili izinhlangothi. Kufanele sizibambe ziqine. Kakumele siphoxe abalandeli bekilabhu abafika ngezinkani enkundleni. Sizolwela ukugwema ukuba iStellies ithole igoli kuqala ekubeni sisekhaya.

"Phela uma uke wayivumela (iStellies) ukuhamba phambili, usuke usuzibulele umdlalo wonke. Sifuna ukufeza iphupho likasihlalo wekilabhu (uSandile Zungu) lokungena kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo, ngokuqeda kwi-top 4 kwi-log," esho.

Image

Uthi iStellies yiqembu okungelula ukulihlelela ngoba linabadlali abaningi abahle, abasalambele nokuzakhela amagama kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika.

Kubadlali beStellies abangase bathwalise kanzima uSuthu kulo mdlalo, kukhona uSanele Barns, u-Andre de Jong noMuzomuhle Khanyi obengumgadli ovelele kwiMFC ngesizini edlule.

 Lo mgadli usuka kwiHungry Lions. OSuthwini kukhona uRiaan Hanamub obeseqenjini lesizwe laseNamibia, uSandile Mthethwa owala ukhasha emuva noBongani "Ben 10" Zungu ofike nozinzo esiswini sale kilabhu njengoba esibamba thaqa.

Amathikithi alo mdlalo aseyatholakala eTicketPro ngo-R60.

0