Ezemidlalo | 20
Friday, 25 July 2025
IBucs yethule abaxhazi abasha bezimoto zakwaSuzuki
Senzo Sokhela
UNXUSE abaphathi be-Orlando Pirates ukuba bavale ibhuku lokusayinisa abadlali ngokumtholela umgadli ongalibheki ipali umqeqeshi omusha wale kilabhu, u-Abdeslam Ouaddou.
IBucs ibiseSpain lapho beyenza khona amalungiselelo okuqala kwesizini ka-2025/26. Ibe nemidlalo emine yobungani namakilabhu ehlukene akhona e-Europe.
NGUYANELA Mbuthuma osanda kujoyina i-Orlando Pirates esuka kwiRichards Bay FC.
Le kilabhu ingene kwezwakala emakethe njengoba isayinise inqwaba yabadlali. Phakathi kwabadlali ebasayinisile kungabalwa uYanela Mbuthuma obekwiRichards Bay FC, uMasindi Nemtajela obekwiMarumo Gallants, uTshepang Moremi obekumaZulu FC, uNkosikhona Ndaba naye obekwiBay, uSinoxolo Kwayiba obekwiChippa United, u-Oswin Appollis obekwiPolokwane City, uSipho Mbule obengenayo ikilabhu, uTshepo Mashiloane obekwiBaroka noSihle Nduli obekwiStellenbosch ukukha nje phezulu.
Leli phephandaba lithole ukuthi u-Ouaddou wenze isicelo sokutholelwa umgadli ovutha uphondo.
IZOLO ngoLwesine iPirates yethule iSuzuki njengabaxhasi bayo abasha.
Umthombo waleli phephandaba uthe: "Umqeqeshi ujabule ngamalungiselelo ngendlela ahambe ngayo. Into ayicelile nje kubaphathi ngumgadli, akakagculiseki kahle, ufuna umbango omkhulu kubadlali wokushaya amagoli.
"Ikilabhu isiphume umkhankaso wokuthungatha umgadli kodwa ibheka kakhulu ngaphandle."
Imizamo yokuthola lo mqeqeshi ukuba aphawule ngalolu daba kayiphumelelanga.
Khona kwezamaBhakabhaka, ngoLwesine le kilabhu yethule inkampani enkulukazi yezimoto yaseJapan, iSuzuki, njengabaxhasi bayo abasha.