15 | Izindaba
Friday, 23 Januaryย 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Useyokwenza izifundo zobudokotela owakhulelwa ena-16:
WANCENGELWA nguthishanhloko kuyise umfundi odabule o-A abawu-7 kwaMatric.
Revival Nomvuselelo:
Wathola isifundo, akaphindanga wanaka abafana. Hhayi laba abamitha bephindelela, bedlala onami ngiyayifuna.
Thembinkosi Sithole:
Ave bekujaha bo ukumitha bebancane, ungazi ukuthi akusetshenziswa ngani izivikeli. Kodwa-ke siyamubongela
Sbo Freeman:
Impela amaphutha siyawenza empilweni kodwa uma usuvuka, vuka uzithathe, ungabe usabheka emuva. Siyamubongela usisi.
Sphiwe Mtshali:
I-teen pregnancy ayiqali ngaye. Yena why engaziphathanga kahle esafunda iskole?
The good in you:
Akumona kwabesilisa la, behluleka ngisho ukufihla.
Mabongi Sbiya:
Ngiyasola ukuthi wamithiswa ngephutha nje.
Sabelo Mthimkhulu:
Uzoba ngudokotela obelethisayo ngoba washeshe wayithola i-experience.
Simz Mbomvu:
Okusalayo ku-wrong ukukhulelwa ungakaqedi eskoleni.
Ntombifuthi Gama:
Awu ๐๐ Halala, sengathi angaphumelela.