Ezemidlalo | 20
Friday, 06 June 2025
Ukhuthazwa ngakuzwe kumqeqeshi wembangi kuma-video omjaho wangonyaka odlule
Senzo Sokhela
UKHUTHAZWA wukuhletshwa akuzwe kumqeqeshi wembangi yakhe uTete Dijana othembisa ukwenza kahle kwiComrades Marathon ezokuba ngeSonto ekuseni isukela eMgungundlovu isongwe eMoses Mabhida Peoples' Park, eThekwini.
UDijana, osubathela iNedbank Running Club, unqobe amahlandla amabili alo mqhudelwano kulandelana. Ngonyaka odlule uphenduke inhlekisa eqeda kunombolo-14 ekubeni ubethishwa ukuwunqoba okwesithathu kulandelana.
UDijana ekhuluma nabezindaba emcimbini obungoLwesine ntambama eThekwini uthe: "Ngidumele ngokwenzeke nyakenye ngoba kwamina bengingakulindele. Okungikhuthazayo kulokhu wukuthi ngike ngabuka ama-video omjaho wanyakenye, ngezwa omunye umqeqeshi etshela umgijimi wakhe ethi sengiphelelwe ngamandla, sengiyahamba akusagijimeki. Ngifuna ukusho ukuthi kulokhu angizile ukuzohamba, ngizogijima," kusho uDijana.
NGU-TETE Dijana nembangi yakhe yaseNetherlands uPiet Wiersma ebe yingqwele yeComrades Marathon nyakenye.
Ingqwele yanyakenye uPiet Wiersma waseNetherlands ithe: "Ngizilungiselele kahle. Umjaho wakulo nyaka uzokube ungafani neminye ngemuva kokuba ngithole inkontileka yami yokuqala kwezokugijima kwiNedbank, okuyinto engijabulise kakhulu. Phambilini bengigijima nje, ngingenayo. Inkontileka iyishintshe kakhuku indlela engijima ngayo.
"Ngihambile ngaya koziqeqesha eKenya nyakenye, ngaze ngabuya ngoMarch. Nginethemba lokuthi lokhu kuzongisiza kakhulu. Ngiwuqala lo mjaho wehla ngagijima kahle. Ngiyacabanga ukuthi ukuya eKenya kuzongisebenzela."