13 | Ezezimoto
Friday, 18 July 2025
Ishay' Izule
Zandile Tembe
UKUYITHATHA kalula imoto ngenxa yokubukeka kwayo, noma ubukhulu nobuncane bayo, ngesinye sezizathu ezenza sithathe izinqumo ezisilimazayo uma sithenga izimoto.
I-SUZUKI Swift Manual iyigcwalisile inkulumo engake ngayizwa ngomunye owayengumsakazi, ethi: "Ungabozikala ngamehlo izinto okwamanzi ophuthu." Cha ubuncane beSwift namandla ayo kube yimpumalanga nentshonalanga.
Mangincome nendlela eyakheke ngayo - kuningi abakhi bayo abakwenze kahle, okwenze yalidonsa ihlo lami.
Uma ungumuntu othanda ukuyinyathela emafutheni, futhi oshayela ngobunyoninco, iSuzuki Swift uzoyithokozela kakhulu.
Iyanamathela etiyeleni kanti kulula ukungena uphume lapho kunesiminyaminya, kayibambezeli ngoba lapho unyathela mawala nalapho uyithiba, ithobela lowo mthetho.
Engikuthakesele kakhulu wukuthi nakuba inejubane, kayiwudli kakhulu uphethiloli.
Ukugijima kwayo nokonga kwayo kuhambisana kahle, okwenza kube lula ukuhlela uhambo noma izindlela zakho zansukuzonke.
Uthola ne-camera yangaphambili nangemuva, ekusizayo lapho upaka, kanti ixhumeka kalula nomakhalekhukhwini abehlukene.
Okunye wukuthi, nakuba imoto ozishintshela yona amagiya ibakhathaza abaningi, iSwift yona ikwenza ukuthakasele ukuyishayela ngenxa yokushintsha kwayo amagiya ngokushesha, okungenabuhixihixi. Izihlalo zayo zakheke njengezemoto yohlobo lwe-sport, wena owabona ezimijaho yezimoto.
Lolu hlobo lwezihlalo emotweni zisho ukumkinatela umshayeli, okwenza ukuthi lapho imoto ishaya amajika namakhona, ungazizwa ugungquza.
Kangiyithakaselanga nokho indlela eyakheke ngayo ngaphakathi. Izihlalo zayo zendwangu kazihambisani nokwakheka nokubukeka kwayo ngaphandle, sengathi bese kwenzelelwa nje.
Njengomuntu onomndeni nodinga imoto ethanda ukuvuleka, kayingisebenzelanga, ingahambelana nomuntu ojwayele ukuzihambela ngayedwana noma onomndeni omncane, nongadingi imoto evulelekile.
Qaphela, futhi ugweme ukuyigcwalisa ngokweqile ngenxa yokuhluleka kwayo wukuthwala abantu nezimpahla eziningi.
Iyimoto ephansi, okusho ukuthi uma umgwaqo ungakhekile kahle, futhi kungewona owetiyela, ingasheshe ilimale.
Uma usuyishayele isikhashana, u-gearbox uyaye uwuzwe usuba nemisinjwana. Kayilona uhlobo lwemoto ongayithenga ngenhloso yokuyigcina isikhathi eside, nakuba i-service yayo ibiza kahle lapho uyiqhathanisa nezisezingeni layo.
Uma ubunomcabango wokuyithenga, kusukela kwi-1.2 GL yakhona, ubheke ukukhokha R224 900 kuya phezulu.
Uphethiloli udla kusukela ku-4.4 kuya ku-4.1 wamalitha ngo-100km.