Ezemidlalo| 18
Friday, 09 May 2025
UCardoso uchazwa wukungavuzisi amagoli kwale kilabhu elikhulumisa ibhola
NGUMQEQESHI weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso
Senzo Sokhela
SIMNUKELA ekhaleni isicoco seBetway Premiership umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso.
IDowns izobhekana neStellenbosch koweBetway Premiership ngeSonto ngo-15h00 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
IDowns ivule igebe lamaphuzu awu-12 esicongweni se-log iguqisa ngo-3-0 iChippa United ngoLwesithathu ebusuku eLoftus Stadiium, ePitoli.
Amagoli eDowns abhajiswe enethini ngu-Iqraam Rayners, nguJayden Adams noThapelo Maseko.
UCardoso uthi indlela ebheke empumelelweni iya ngokukhanya manje kwezakhe.
"Indlela abafana bami abadlale ngayo nabazinikele ngayo iyangithokozisa. Kuya ngokukhanya manje ngesicoco seligi, izinto seziqala ukulunga.
"Kodwa-ke lokho kakusho ukuthi sekufanele sizithele ngabandayo, kufanele siqhubeke nokudlala ngokuzikhandla," esho.
Uncome udonga lwakhe lwasemuva okukhona kulona uMosa Lebusa, oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.
NGUSINOXOLO Kwayiba weChippa United egadulisana noTashreeq Matthews weMamelodi Sundowns.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
"Okungichazile ngalo mdlalo wukuthi kasizange sivuzise igoli, kangikufuni kabi ukungenelwa yigoli, kuyangigulisa.
"Ngiyababongela abafana bami, basebenze ngokuzikhandla kulo mdlalo, ngethemba ukuthi nasemdlalweni weStellenbosch bazokwenza okufanayo.
"Ngeke kube ngumdlalo olula kodwa ngiyabathemba abafana bami ukuthi bazowunqoba." esho.