Ezemidlalo | 17
Friday, 23 May 2025
NGU-ANGE Postecoglou (ophethe inkomishi) ongumqeqeshi weTottenham Hotspur yase-England ejabula nabadlali bakhe.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weTottenham Hotspur, u-Ange Postecoglou, uthi kakumethusanga ukunqoba indebe ye-Europa League abahlule kuyona iManchester United ngo-1-0 kowamanqamu walo mqhudelwano obugijinyelwa eSpain.
ISpurs inqobe indebe yayo yokuqala eminyakeni ewu-17 kodwa ingaphumeleli. Lokhu kwaze kwenza yashiywa ngumdlali wayo onohlonze uHarry Kane, ekhala ngesihlava sokunganqobi lutho nale kilabhu.
Ekhuluma emuva komdlalo lo mqeqeshi, uthe kuhambe ngamagama enkehli njengoba wayevele eshilo ukuthi njalo emuva kwamasizini amabili kukhona ahlale ekunqoba.
"Bengivele ngazi ukuthi kukhona esizokuthola kule sizini. Sidlale kahle kakhulu nakuba bekungelula kodwa benginalo ithemba lokuthi kukhona esizokucosha kulo mdlalo. Ngiyazi ukuthi kwiligi kasenzenga kahle kodwa ngikholwa wukuthi sizobuya sesingcono kakhulu ngesizini ezayo. Nonyaka sibe nenkinga salinyalelwa ngabadlali abaningi," esho.
NGU-Son Heung-min osefana nedlozi leSpurs, obenqoba inkomishi yakhe yokuqala nayo selokhu wayijoyina ngo-2015, esuka kwiBayer Leverkusen yaseGermany.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Ngokunqoba lo mqhudelwano, iSpurs izibekisele indawo emidlalweni ye-Uefa Champions League ngonyaka ozayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi iSpurs yake yaba sethubeni lokunqoba iChampions League ngesikhathi ingena kowamanqamu ngesizini ka-2018-19, kodwa yabuya ilambatha yehlulwa yiLiverpool ngo-2-0.
ISpurs izobhekana neBrighton koweligi ngoMgqibelo ngo-17h00.
* Isiyonke imidlalo ye-English Premier League engempelasonto ihlelwe kanje:-
NGOMGQIBELO
Bournemouth vs Leicester 17h00.
Fulham vs Man City 17h00.
Ipswich Town vs West Ham 17h00.
Liverpool vs Palace 17h00.
Man United vs Aston Villa 17h00.
Newcastle vs Everton 17h00.
Forest vs Chelsea 17h00.
Southampton vs Arsenal 17h00.
Tottenham vs Brighton 17h00.
Wolves vs Brentford 17h00.
* EyeSpanish La Liga:
NGOLWESIHLANU
Real Betis vs Valencia 20h35.
NGOMGQIBELO
Real Madrid vs Sociedad 16h15.
Leganes vs Valladolid 18h30.
Espanyol vs Las Palmas 18h30.
Alaves vs Osasuna 21h00.
Getafe vs Celta Vigo 21h00.
Rayo Vallecano vs Mallorca 21h00.
NGESONTO
Girona vs Atletico Madrid 14h00.
Villarreal vs Sevilla 16h15.
Athletic Club vs Barcelona 21h00.
* Eye-Serie A:
NGOLWESIHLANU
Como vs Inter Milan 20h45.
Napoli vs Cagliari 20h45.
NGOMGQIBELO
Bologna vs Genoa 18h00.
AC Milan vs Monza 20h45.
NGESONTO
Atalanta vs Parma 20h45.
Empoli vs Verona 20h45.
Lazio vs Lecce 20h45.
Torino vs Roma 20h45.
Udinese vs Fiorentina 20h45.
Venezia vs Juventus 20h45.