21| Ezemidlalo
Friday, 22 August 2025
IPHELILE inkani kwiSinenkani FC yase-Eastern Cape, engenye yamakilabhu abefuna ukuba yingxenye yemidlalo yokuhlungela ukunyukela kwiMFC njengoba icala ebelifakwe yila makilabhu lichithiwe.
Mfanafuthi Ndlovu
LICHITHWE nezindleko icala ebelifakwe ngamakilabhu abelwa nokuqhubeka kwemidlalo yeSafa ABC Motsepe League National Play-offs, enike igunya amakilabhu amathathu lokunyukela kwiMotsepe Foundation Championship (MFC).
Imidlalo yokuhlunga ye-ABC Motsepe League beyisePretoria ngoJuly, kanti amakilabhu amathathu anyukele kwiMFC; yiGomora United yaseGauteng edle ubhedu, kube yiThe Bees yaseMpumalanga elale isibili neMidlands Wanderers yaseMgungundlovu ebambe isithathu.
Nokho le midlalo igijinywe sekunamakilabhu ababele ezinkantolo ukuba ingaqhubeki, ekhala ngokuthi nawo kufanele abeyingxenye yayo; okubalwa kuwona iSinenkani FC, yiRavens naMavarara okungawase-Eastern Cape.
La makilabhu abuye ajoyinwa yiKakamas yaseNorthern Cape, yiThames yaseNorth West neMpheni Defenders yaseLimpopo.
Umahluleli obehlalele leli cala, uB Pakati uwachithile la makilabhu, wathi kufanele akhokhe nezindleko zokuhlalelwa kwalo.
NGU-ADV Teboho Motlanthe.
U-Advocate Tebogo Motlanthe obemele iSafa - ogwetshwe izinsuku eziwu-90 edonsa ejele ngokwedelela umyalelo wenkantolo ngokuqhubeka nokudlalisa le midlalo yokuhlunga - ulengiselwe lesi sigwebo ukuba angatholakali necala elifanayo ezinyangeni eziwu-12 ezizayo.
Kwenzeka lokhu nje, luyaqala ushikishi lwemidlalo yeMFC kule mpelasonto.
Lesi sinqumo senze adonsa umoya amakilabhu anyukela kwiMFC ukuqhubeka kahle nezinhlelo zawo zokudlala kulesi sigaba esikhiqizela eseBetway Premiership amakilabhu asevuthiwe.