07 | Izindaba
Friday, 04 July 2025
LONA ngomunye wemigilingwane elindeleke "kubashayi bezimoto" eThekwini.
Lucky Cain
KUZOGUGA ithayi emncintiswaneni womdlalo wezimoto - obizwa ngeRed Bull Shay'iMoto - ozobe uqala ukwenzelwa eSuncoast Casino, eThekwini, mhla ka-10 ku-August.
Kubhekwe ukuthi lo mcimbi uhehe izinkumbi zabantu abazifela ngokubuka abashayeli bezimoto begila izimanga ngezimoto zabo, okuzobe kuhlanganisa kubo labo asebemnkantshubomvu, nabasacathula.
Abashayeli bezimoto bazodlisela phambi kwabantu ngamakhono abo okudlala ngezimoto, bese amajaji nabantu bethola ithuba lokuvotela ozodla umhlanganiso.
NGUSAMKELO "Sam Sam" Thubane, oseke wasinqoba isicoco salo mqhudelwano.
Ngonyaka owedlule lo mncintiswano ubuwenzelwe eCape Town lapho isicoco sithathwe nguChadwin Boksie Hadjie, esiphuca uSamkeliso "Sam Sam" Thubane osithwale iminyaka emibili ilandelana.
Kulo nyaka kubhekwe ukuthi izinga lenyuke njengoba lo mcimbi uqhubeka nokukhula minyaka yonke.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi engena ehhovisi uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezokuNgcebeleka, ubuCiko namaSiko, uMnu Gayton McKenzie, waveza ukuthi phakathi kwezinto eziseqhulwini ebuholini bakhe, wukwenza lo mdlalo ube sezingeni lomhlaba.
Waveza ukuthi lo mdlalo kumele ukwazi ukukhiqiza abantu abazomela iNingizimu Afrika emincintiswaneni emikhulu yomhlaba.
Kunxuswa bonke abantu abazethembayo ngalo mdlalo ukuba bangenele ngokubhalisa, ukuze bazibeke ethubeni lokuthola isicoco kulo mncintiswano.
KwaZulu-Natal, umcimbi walolu hlobo ubuvame ukwenzelwa eMsinga, lapho ububizwa khona ngoMsinga Driftkhana.
Lo mcimbi ububalwa neminye emikhulu ebiyenzelwa eMsinga njengoba ubuvame ukuheha izinkulungwane zabantu.