22 | Ezemidlalo

Friday, 19 December 2025

Bazohlanyiswa uMafikizolo emcimbini weSharks

Kubhekwe izinga eliphezulu kubhekene iSharks neBulls kowe-URC eThekwini
Image

NGUMAFIKIZOLO ozobe enandisa emcimbini weSharks.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Nhlanhla Hudla

KUSHONE elangoLwesine esedayiswe aphela amathikithi omcimbi weHollywoodbets Sharks obizwa ngeSharks Fest, ozokuba ngoMgqibelo ngaphambi komdlalo weSharks neBulls we-United Rugby Championship (URC) ozokuba ngo-18h00 eKings Park, eThekwini.

Lokhu kuqinisekiswe nguNovashni Chetty owengamele ezokuxhumana kuleli qembu laseThekwini.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uthe: "Amathikithi asedayiswe wonke. Silindele abantu abacela ku-45 000 kulo mcimbi. Zonke izinhlelo sezimi ngomumo ngawo," esho.

Image

NGU-ANDRE Esterhuizen ongesinye sezethenjwa zeSharks ezibhekwe ukuyisiza ukuguqisa iBulls.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Kulo mcimbi kuzonandisa uMafikizolo wodumo lwenoni elithi 'Uyoncengwa ngunyoko' kanti ukudayiswa kwamathikithi aphele kakwethusi kwazise yisikhathi samaholide.

Lo mdlalo uzokube ubhekwe kakhulu ngabomvu kwazise kuhlala kusiphuka izidindi uma la maqembu ebhekene, ngoba iningi labadlali bawo ligijima naseqenjini lesizwe, AmaBhokobhoko.

Isiyonke imidlalo ye-URC ihlelwe kanje:
NGOLWESIHLANU
Leinster vs Ulster 21h45.
Cardiff vs Scarlets 21h45.
NGOMGQIBELO
Stormers vs Lions 15h30.
Benetton vs Zebre 16h00.
Glasgow Warriors vs Edinburgh 17h00.
Sharks vs Bulls 18h00.
Ospreys vs Munster 19h30.
Dragons vs Connacht 21h45.

0