17 | Ezemidlalo

Friday, 12 September 2025

Umqeqeshi weBucs nesethembiso kubalandeli

Uthi yize kuzokuba nzima kodwa bazosigcina isicoco seMTN8

Image

NGUMQEQESHI wePirates, u-Abdeslam Ouaddou (okwesokudla) enomsizi wakhe, uMandla Ncikazi.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

WENZA isethembiso kubalandeli be-Orlando Pirates ngesicoco seMTN8 umqeqeshi wale kilabhu, u-Abdeslam Ouaddou.

IBucs izotholana phezulu neStellenbosch kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo ngo-18h00 eMbombela Stadium. Yiyona evikela lesi sicoco njengoba ishaye yona iStellies ngo-3-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngesizini eyedlule.

Lesi sicoco isisinqobe amasizini amathathu kulandelana. Ibisinqoba iholwa nguJose Riveiro waseSpain osanda kuxoshwa yi-Al Ahly yase-Egypt.

Image

NGABADLALI beBucs; uSipho Mbule, uDeon Hotto noRelebohile Mofokeng bejabula ngesikhathi uMthetheleli Mthiyane weStellies, egobodisile, emuva kokuba ezakhe ziguqiswe yiPirates ngo-1-0 kweligi ngo-August.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

U-Ouaddou ubhekene nengcindezi njengoba abalandeli beBucs bekusho kugcwale umlomo ukuthi le nkomishi sekusemthethweni ukuthi ngeyabo.

Ekhuluma nabezindaba u-Ouaddou ngalo mdlalo wamanqamu abhekene nawo, uthe:
"Sikuqonda kahle ukuthi abalandeli bethu bayifuna kangakanani le nkomishi njengoba sesiyinqobe kathathu kulandelana.

"Sibhekene nomdlalo onzima impela, kodwa ngiyathembisa ukuthi sizosivikela isicoco sethu.
"Sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi siyaqhubeka nokusigcina ekhabetheni lekilabhu. Abafana bami bawulungele lo mdlalo."

0