07 | Ezikaqedisizungu
Friday, 06 February 2026
Mthobisi Sithole
SEKUVULWE ithuba lesibili lokudayiswa kwamathikithi, kwengezwa usuku emcimbini womjikelezo womculi kamaskandi, uMzukulu, obizwa ngeNgifuna Izinto Zami Album Tour.
Lo mcimbi ngowokwethulwa kwe-album yalo mculi ephume ngoDecember nyakenye, yathakaselwa kakhulu endimeni yomculo wamabhinca.
Umcimbi kaMzukulu obekumenyezelwe ukuthi uzokuba mhla ka-17 April ebusuku ePlayhouse, eThekwini, usuzothatha izinsuku ezimbili njengoba usuzonabela kumhla ka-18.
UMzukulu uthi ngenxa yokuthi amathikithi adayiswe izinsuku ezimbili aphela, unqume ukuthi umcimbi ube yizinsuku ezimbili, ukuze nabanye abanothando lokuya kuwona, bengasali ngaphandle.
"Bengingazitsheli ukuthi abantu bazowuthakasela kakhulu umcimbi. Kungiphoqile ukuba ngibhukhe usuku lwesibili, ukuze umcimbi wenzeke izinsuku ezimbili," kusho uMzukulu.
Uthi ingxenye ethile yabantu izongena ibukele umcimbi mhla ka-17 ebusuku, enye iwethamele mhla ka-18 ebusuku.
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ngonyaka ozayo uzofuna indawo enkulu, emumatha abantu abangaphezulu kuka-2 000.
"IPlayhouse ihlalisa abantu abawu-1 200. Njengoba sesithathe izinsuku ezimbili, kusho ukuthi abanye abawu-1 200 bazofika ngosuku olulandelayo.
"Ngijabule kakhulu ngokuthi abantu bayawaseka umculo wethu," esho.
Uthi lo mjikelezo wakhe uzohambela nakwezinye izifundazwe, okubalwa kuzona eGauteng, eWestern Cape naseMpumalanga.
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi uvakashela izindawo ezikude ngenxa yokuthi abantu abazinze kuzona, kabalitholi ithuba lokubabona (abaculi bakamaskandi).
"Abaculi abaningi kweminye imikhakha yomculo, baziphilisa ngakho ukuvakashela abantu ezindaweni abahlala kuzona.
"Ngakho-ke le album yami njengoba ithandwe kangaka, kufanele ngiyinike inhlonipho eyifanele, ngiyihambise ngqo ebantwini," kusho uMzukulu.
Uthe kulo mcimbi uzobe ehambisana nabaculi abapikwe ezingomeni zakhe; okubalwa kubona uJumbo, uLondeka Shangase, Imbongi uMagwinyimbuzi, uMfana weKhansela, uSiya Ntuli noMfo kaMsezane.
Amathikithi adayisa eComputickets.
mthobisis@ilanganews.co.za