02 | Izindaba

Friday, 12 September 2025

Ezifingqiwe


01


I-DA imangalele i-Nersa "ngokudizela" i-Eskom

Image

I-DEMOCRATIC Alliance (DA), isinqume ukumangalela i-Energy Regulator of South Africa (Nersa) kuMvikeli woMphakathi, uKholeka Gcaleka (osesithombeni), ngephutha eyalenza, ngesikhathi ithatha isinqumo maqondana nesicelo se-Eskom sokwenyuswa kwentengo kagesi ezweni.

I-DA ithi leli phutha lizoholela ekutheni yenyuke kakhulu intengo kagesi. Kubhekwe ukuthi ngonyaka ozayo intengo kagesi yenyuke cishe ngo-8,76%, kuthi ngonyaka olandelayo, yenyuke cishe ngo-8,83%.

Leli qembu lithi ngeke likuvumele ukwandiswa komthwalo emahlombe abantu baseNingizimu Afrika, abavele bexakekile ngenxa yizindleko eziphezulu zokuphila.

NgoLwesibili, iNersa iphekwe ngemibuzo ngamalungu ekomidi lasephalamende eliqondene nogesi, mayelana naleli phutha elichaphazela kanzima abantu.

Nonyaka iNersa yaphasisa ukwenyuswa kwentengo kagesi ngenani elilinganiselwa ku-12,74%.


02


Uvikela uhulumeni ngokuchitha imali kolwase-Israel

Image

UNGQONGQOSHE wezobuDlelwano namaZwe, uMnu Ronald Lamola (osesithombeni), uvikela ukubhubhudlwa kwezigidi esezichithwe ecaleni elafakwa yiNingizimu Afrika enkantolo yamazwe - i-International Court of Justice (ICJ) - lapho imangalele khona i-Israel, mayelana nempi eqhubekayo phakathi kwayo nePalestine.

ULamola ubethula umbiko phambi kwekomidi elibhekelele umnyango wakhe, ePhalamende.

Uveze ukuthi muva nje, kuleli cala kufakwe u-R37 million. Uthe le mali ifakwe phezu kwelinganiselwa ku-R130 million ebeyivele ichithiwe.

Uthe lokhu uhulumeni ukwenze ngoba ufuna ukubona isiphetho saleli cala.

Ilungu le-DA kuleli komidi, uRyan Smith, lithe likholwa wukuthi le mali beyizokwenza omkhulu umehluko ukube itshalwe ekuthuthukiseni izakhamizi zaseNingizimu Afrika.


03


Kukhuthazwe amaphoyisa ukusebenzisa izikhungo ezeluleka ngokomqondo

Image

UGQUGQUZELE amaphoyisa aseNingizimu Afrika ukuba asebenzise izikhungo zokwelulekwa ngokomqondo, ahlinzekwe ngazo uMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, uGen Fannie Masemola (osesithombeni).

UMasemola usho lokhu emuva kwesigameko esenzeke eMamelodi, ePretoria, lapho iphoyisa lithumbe umndeni walo - liwuvalele endlini - okuphethe ngokuthi lizibulale nomshana walo oneminyaka ewu-18.

"Ngifisa ukugcizelela ukuthi kubalulekile ukuba amaphoyisa abeke phambili inhlalakahle yawo.

"Lokho kuzokwenzeka ngokuthi asebenzise izinsiza ahlinzekwa ngazo wumbuso, ezifana nosonhlalakahle, abefundisi nokunye.

"Lokhu ngikholwa wukuthi kuzokwehlisa ingcindezi emaphoyiseni," esho.


04


Ungqongqoshe uphathe elemfundo ekulungiseni olwabama-Uber nabamatekisi

Image

UNGQONGQOSHE wezokuThutha,  uNkk Barbara Creecy (osesithombeni), uthembise ukuthi imithetho emisha yezokuthutha, izoqinisekisa ukuphepha kwezakhamizi zaseNingizimu Afrika ezisebenzisa izimoto ezikhokhelwa ngebanga, i-Uber no-Bolt.

Lokhu ukusho ngesikhathi ephawula okokuqala ngomsindo osuke phakathi kosomatekisi nabashayeli balezi zimoto, emasontweni ambalwa edlule.

Uthe umnyango wakhe umatasa nokulungisa imithetho engaphansi kwe-national land transport regulations. Uthe le mithetho izoqinisekisa ukuthi abashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga bathola uqeqesho olufanele.

Uthe basezinhlelweni - ngokubambisana neziphathimandla zomthetho - zokuhlanganisa abashayeli bamatekisi nabalezi zimoto, ukugwema izigameko zodlame phakathi kwabo.

Uthe ukholwa wukuthi ukungaboni ngasolinye kwabo kumele kulungiswe ngemfundo, nokulandelwa kwemithetho ababekelwe yona.

0