03 | Izindaba
Friday, 18 July 2025
NGUMDUMISENI Thwala owaziwa ngelikaNgena emculweni.
Mthobisi Sithole
KALIKHO elinye iphupho abenalo ngempilo yakhe, ngaphandle kokuphumelela emculweni uMdumiseni Thwala (23), owaziwa ngelikaNgena emculweni wesintu.
UNgena odabuka eMabhekazi, eMnambithi, uthi kuze kube manje, akakaze athande ukuziphilisa ngamanye amaphupho empilo, ngaphandle kokusebenzisa ikhono lakhe lomculo.
Engxoxweni yakhe neLANGA Lempelasonto, uveze ukuthi kuze kwafika isikhathi sokuba aphothule umatikuletsheni engazimisele ngokukhetha umsebenzi othile, abengawufundela ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Uthe ngesikhathi esafunda, isikhathi sakhe esiningi ubesisebenzisa edlala isigingci, ezicija emculweni.
"Akukho engikuthandayo empilweni okudlula umculo. Nangesikhathi ngithumela izicelo zokufunda emanyuvesi, ngikwenzile ngoba ngiphushwa ngudadewethu, engilekelela.
"Okukhombisa ukuthi kanginalo uthando lwemfundo ephakeme, wukuthi kangazi ngisho imikhakha engicele izikhala zokuyifunda emanyuvesi, bengifaka noma yini ephambi kwami ngesikhathi ngithumela izicelo. Kodwa-ke uma livela ithuba lokufunda, mhlawumbe ngizolamukela," kusho uNgena.
Uthe uqale ukufunda ukudlala isigingci ebukela kuyise ongasekho emhlabeni. Uthe yize uyise ebedlala ushuni wabaculi abadala kakhulu, kodwa okunye okuphathelene nesigcingi ukubukele kuyena.
Utshele leli phephandaba ukuthi ekukhuleni kwakhe, ubethanda kakhulu umculo kaKwakhe "Mgqumeni" Khumalo (ongasekho).
"Ubaba ubengadlali lo shuni kaMgqumeni. Ngokuhamba kwesikhathi, omunye wabafowethu - naye obedlala isiginci - udlale lesi sitayela engisithandayo, ngase ngisondela kakhulu kuyena.
"Ubaba ubethanda ukuthi ngingene emculweni, ngoba nguyena ongikhulumele nomfowabo, ubaba uVelanto Thwala ukuba angisize angiqophele umculo wami - nebala wangisiza," esho.
Uthe nakuba kunzima emculweni, kodwa likhona ithemba lokuthi ngelinye ilanga naye uzovelela. Phakathi kwezifiso zakhe ngomculo, wukuthi owakhe awenze wehluke kowabanye abaculi.
"Kangithandi ukugqama ngokupika abanye abaculi emculweni wami. Ngifisa ukuthi abathandi bomculo wami bakholelwe kimina ngingedwa, ngingahambi namuntu ezingomeni zami.
"Ngiyakholelwa kakhulu ekwehlukeni kwabanye ozakwethu endimeni yomculo," esho.
Ngo-2023, ukhiphe izingoma ezimbili ngenhloso yokuzwa amanzi ngobhoko emculweni, kwathi nyakenye wakhipha i-albhamu ethi "Uqinile Umthetho", kanti ngo-April nonyaka, ubuye nenye i-albhamu ethi "Apartheid".
mthobisis@ilanganews.co.za